IYATHEMBISA imiphumela yakamuva ngocwaningo olubheka ukuthi ngabe umhlonyane uyayelapha yini iCovid-19
Lolu cwaningo lwenziwa emazweni amaningi kusukela iMadagascar yaveza ukuthi isebenzisa umhlonyane omila kuleliya lizwe owaziwa nge-artemisia annua njengekhambi lokuzivikela nokwelapha lesi sifo. Abantu bakuleli lizwe babethi baphuza itiye lawo. Ngemuva kwalokhu kwaba nemibuzo eminingi eyayingaphenduleki ngalokhu, abanye bebuza ukuthi yini eyelaphayo ngabe amaqabunga, isiqu noma izimpande. Abanye befuna ukwazi ukuthi uwuphuza uma usugula noma owokuzivikela, abanye bebuza ukuthi ngabe umhlonyane wakuleli i-artemisia Afra nawo uyelapha yini.
Lokhu kuholele ekutheni amazwe amaningi enze ucwaningo kubhekwe ukuthi ngabe ungasiza yini umhlonyane.
Inhlangano yezempilo emhlabeni, iWorld Health Organisation (WHO) isanda kumemezela ukuthi umshanguzo owelapha i-malaria owenziwe ngomhlonyane, i-artesunate ungeminye yemishanguzo emithathu ehlolwayo ukuthi iyayelapha yini iCovid-19 enikeze ithemba esigabeni sokuqala socwaningo , okuzokwenziwa ngayo isigaba sesibili socwaningo.
I-artesunate isetshenziselwa ukwelapha i-malaria futhi sekuphele iminyaka eminiingi isetshenziswa. Yona neminye imishanguzo emibili inike ithemba ngesikhathi ihlolwa e-laboratory.
Imiphumela yesigaba sokuqala salolu cwaningo iveze ukuthi i-artesunate iyakwehlisa ukuvuvukala, kukholakala ukuthi ingasiza ekuvikeleni ukonakala kwamaphaphu okwenzeka ezigulini eziphethwe yiCovid-19.
Umqondisi weWHO uDkt Tedros Ghebreyesus, uthe ukuthola ikhambi lokwelapha iCovid-19 kuseyisidingo esikhulu.
Umhlonyane wakuleli owaziwa nge-artemisa afra ungelinye lamakhambi esintu elisetshenziselwa ukwelapha umkhuhlane. Abelaphi bendabuko bathi uthakwa namanye amakhambi kwenziwe isiphungo.
IWHO imemezela lokhu nje baningi ososayensi abenza ucwaningo ngomhlonyane emazweni ehlukene. NgoMeyi abacwaningi beNyuvesi iColumbia neyaseNew York bamemezele ukuthi imiphumela yocwaningo lwabo obelwenziwa e-laboratory inikeze ithemba lokuthi umhlonyane uyalelapha leli gciwane .
Olunye ucwaningo olushicilelwe emqingweni wezempilo, iJournal Ethnopharmacology ,eshicilelwe ngoFebhuwari luveze ukuthi leli khambi alikuvikeli ekutheni uthole igciwane kodwa livikela ukuthi leli gciwane liziphindaphinde uma selingene emzimbeni.
Amanye amazwe enza ucwaningo ngomhlonyane yiDenmark neGermany. Wonke amazwe enza ucwaningo, ucwaningo lwawo lusasesigabeni sokuqala .
Umhlonyane uhlukene kaningi izinhlobo ezidumile, i-artemisia annua, artemisia Afra, i-wormwood , i-silver mound neminye. Abacwaningi bazama ukuthola ukuthi kulezi zinhlobo iyiphi esiza ukwelapha iCovid-19.