UKUGONYWA kwamaphoyisa kuzosiza ukutheni enze umsebenzi wawo wokuvikela isizwe ngendlela nawo evikelekile.
Lokhu kushiwo uNgqongqoshe wamaphoyisa uMnuz Bheki Cele, izolo ngesikhathi kuqala uhlelo lokugonywa kwamaphoyisa egonyelwa iCovid-19, eSoweto .
Uthe kuyajabulisa ukuthi uhlelo lokugoma luyaqalwa yize lufike sebelahlelekwe inqwaba yamaphoyisa abulawe yilolu bhubhane.
"Amaphoyisa angu-672 ashonile selokhu kuqale lolu bhubhane kuleli nyakenye, alinganiselwa ku32 000 ahaqwe yilolu bhubhane. Ukugula kwamaphoyisa kuholele ekutheni kuphazamiseke umsebenzi wawo wokuvikela isizwe," kusho uCele.
Izolo uthe kulindeleke ukuthi kugonywe amaphoyisa angu-600.
"Ukuba kuya ngokwami ngabe amaphoyisa angu-180 000 azogonywa ngokushesha , ukuze sazi ukuthi amaphoyisa avikelekile , siyethemba ukuthi uhlelo oluqaliwe luzoshesha," kusho yena.
UCele usho kanjena nje izibalo zabahaqwa yileli gciwane kuleli zisalokhu zikhuphuka.
Ongoti bezempilo bathi kulindeleke ukuthi ziqale ukwehla ngemuva kwesonto noma amabili ezayo.
Izibalo zakamuva ezikhishwe ngesonto zikhomba ukuthi bangu-16 585 abantu abasha abahaqwe yileli gciwane okuholele ekutheni isibalo sabahaqwe yileli gciwane senyukele ku -2 062 896
Abashone emahoreni angu-24 bangu-333 okuholele ekutheni isibalo sababulewe yizifo ezihlobene naleli gciwane senyukele ku-61 840.
UNgqongqoshe wezeMpilo kuleli osabambile, uNkk Mmamloko Kubayi- Ngubane, uthe bajabule kakhulu ngokuthi lolu hlelo luqale.
“ Sinethemba lokuthi amaphoyisa ngeke asiphoxe azokwenza njengothisha abalulandela kahle uhlelo lokugoma,” kusho yena.
Umkhuzi wamaphoyisa kuleli uGeneral Khehla Sitole, uthe ukuqalwa kwalolu hlelo kuyingxenye yohlelo lwamaphoyisa lokuphepha, iPolice Saftey Strategy lokuthi amaphoyisa kumele aphephe wona kuqala ukuze nawo akwazi ukuvikela umphakathi.
“ Amaphoyisa abambe iqhaza elikhulu ekulweni nobugebengu obuthinta imigomo kuleli, amaphoyisa yiwo abopha izigilamkhuba ezisabalalisa imigomo engombombayi kuleli ngakho kumele nawo avikeleke ukuze ahlale ekhona enqanda lezi zigameko,” kusho yena.