UKULAHLEKELWA wunina ngenxa yomdlavuza, kwagqugquzela insizwa yaseMlaza ukuthi izibophezele ekuqwashiseni ngalesi sifo.
UMthokozisi Shabangu, unguMqondisi weSolempilo Organisation ehlela, i-Eye for Cancer Walk, okuwuhlelo lapho ehlanganisa khona umphakathi ngenhloso yokuqwashisa ngomdlavuza nokweseka labo abaphila nawo nalabo abaphila nabantu abanawo.
Elandisa ngalolu hlelo, uthe kuningi abakwenzayo ngalolu suku kanti uhlelo lwabo luhlukene kabili.
Baqala ngohambo olubizwa nge-5km BIG WALK bese kuba khona indawo yokuhlolelwa umdlavuza mahhala, ama-aerobics nokunye okuningi.
“Akekho ongazi ukuthi kukhona isifo okuthiwa yi-cancer kodwa iningi lihlale lisibukela kude. Umuntu uze akholwe uma sekukhona amaziyo ophethwe yisona,” usho kanje.
Uthe naye wambuleka amehlo ngesikhathi kushona unina eselwe nomdlavuza iminyaka engu-11, okuyilapho anquma khona ukushumayela ukubaluleka kokuzivocavoca nokuhlolelwa lesi sifo ukuze uzazi kusenesikhathi ukuthi umiphi.
Uveze ukuthi inhloso yakhe enkulu ngalolu hlelo wukugqugquzela indlu emnyama ngokubaluleka kokushesha uhlonzwe umdlavuza nokukhuthaza impilo engcono.
“Ngokwami ngabe sihambela nezinye izindawo kodwa ngenxa yokwentula izinsiza sigcina ngokuqwashisa abantu baseMlaza kuphela kodwa sinethemba lokuthi kusazokwenzeka nokunye esikufisayo,” kusho uMthokozisi.
Sekuwunyaka wesithathu i-Eye for Cancer yenziwa kanti kungenwa mahhala kuyona.
Kulokhu izobe iseKing Zwelithini Outer Fields ngo-Okthoba 31 kusukela ngo-7 ekuseni.
UMthoko uthe abantu abaphume ngobuningi babo bazozihlolela lesi sifo, baphinde bathole ulwazi oluzobahlomisa ekulweni nomdlavuza.
Abasuke bekulo mcimbi bagqoka noma yini enombala o-pink, okuwumbala ohambisana nokuqwashisa ngomdlavuza.
Kulo nyaka uhlelo bazoluvala ngeJerusalem Challenge.