BAZOKWAZINDISWA abahlengi abazofakwa emagunjini elapha izifo zabantu besilisa KwaZulu-Natal.
Lokhu kushiwo wuNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Nomagugu Simelane eluleka amadoda ngokuthi kumele ajwayele ukuya ezikhungweni zempilo, ohlelweni lwakhe olusakazwa ezinkundleni zokuxhumana njalo ngoLwesihlanu.
UNksz Simelane uthe njengoba kuyinyanga yamadoda banezigcawu lapho bekhuluma khona namadoda, bewagqugquzela ukuthi angabekezeli uma egula aye emitholampilo.
"Amadoda, kakhulukazi asekhulile asitshele ukuthi ngabe ayaya emitholampilo manje kunzima ukuthi avuleleke akhulume nabahlengikazi besifazane, okujwayele ukuthi kube ngabesifazane ababaziyo. Bathi kunzima ukuthi ufike emtholampilo utshele umama noma intombazane yakwamakhelwane ngezinkinga zakho ezithinta ubuntu bakho. Lokhu sikubone ukuthi kubalulekile.
“Singumnyango kumele sibandise abahlengi emagunjini elapha izifo zamadoda, khona amadoda engeke abe nenkinga yokuvuleleka. Lokho kuzosisiza nangokuthi uma amadoda asheshe afike emtholampilo nezifo zawo zisheshe zibonakale, zelashwe ukufa kungakakahambi kakhulu egazini kunokuthi afike esegula kakhulu. Kwesinye isikhathi nathi singeke sisakwazi ukuwasiza ngoba isifo sisuke sesihambe kakhulu," kusho uNksz Simelane.
Uthe abahlengi bazokwandiswa okungenani ezikhungweni ezingu-80 esifundazwenni.
“Uma sihlaziya ulwazi esinalo, sibonile ukuthi yingakho kwesinye isikhathi noma indoda isizidelile yaya esikhungweni sezempilo inezimpawu ezibonayo, okungenzeka ukuthi ngezokuthi inenkinga yomdlavuza wendlala yabesili, uma isifikile esibhedlela ingasho ukuthi iphethwe yini. Kunalokho ithi iphethwe yikhanda noma isho esinye isifo," kusho uNksz Simelane.
Uthe okunye okuvelayo wukuthi amadoda ajwayele ukuya emtholampilo kunenkolelo yokuthi antekenteke noma athambile.
"Akulona iqiniso ukuthi indoda eya emtholampilo ithambile, kumele uma ungazizwa kahle uye esikhungweni sezempilo. Okunye okuyingozi okwenziwa ngamadoda wukuthi athembela ekutheni imiphumela yokuhlolwa kwamakhosikazi awo noma izintombi zawo, uma ithi aphile kahle, kusho ukuthi nawo ayaphila.
"Kubalulekile ukuthi umuntu aziyele yena emtholampilo ahlolwe ukuze azi isimo sakhe sempilo."