MBALI KHANYILE
NJENGOBA sekusele usuku olulodwa kuqale ukubhalwa kwezivivinyo zika-matric, ziningi izindlela ezisetshenziswa abafundi ukuze babe nomdlandla abanye bafunde kuze kuse.
Ukuze bangalali abanye basebenzisa iziphuzo ezinikana amandla ngenhloso yokuthi umqondo ungakhathali uma betadisha.
Inkinga ngalo mkhuba wukuthi uyajovana futhi awubi nomthelela omuhle ngokusho ngongoti bezempilo.
UMnuz Ndabe Myeza ongungoti oweluleka ngokwezengqondo, uthe kumele abafundi bakugweme ukudukela emikhiqizweni okuthiwa ikhuthaza umqondo noma ikunika umdlandla ngoba igcina ibagulisa abanye.
“Iziphuzo ezikhuthazayo zivamise ukwenza inhliziyo ishaye ngamandla, okuholela ekutheni ugcine usuzizwa untekenteke ngokuhamba kwesikhathi. Abafundi kumele bahambele kude nazo.”
Uthe kumele bazinike isikhathi esanele uma befundela izivivinyo ukuze bangagcini sebezithola bengaphansi kwengcindezi, sebezama ukubamba yonke into okumele bavive ngayo.
Amathiphu abangawase-benzisa abafundi abalungiselela izivinyo:
- Gwema ukufunda ngokweqile ukuze ungazitholi usukhohlwa wokufundile uma usubhala. Umqondo uyaphunyuzwa futhi awukwazi ukubamba yonke into ngesikhathi esisodwa.
- Bheka indlela yokufunda ekusebenzelayo nehambisana nawe. Gwema ukwenza imikhuba oyibona yenziwa ngabanye abafundi ngenhloso yokuvivela izivivinyo ngoba yikho okungagcina kuholela ekutheni ungaphumeleli.
- Zihlelele kusenesikhathi ukuze ungazitholi usutatazela ngomzuzu wokugcina.
- Qikelela ukuthi ukuphethe konke ozokudinga uma usubhala izivivinyo ngaphambi kokusuka ekhaya.
- Gwema ukufika ekuseni kakhulu esikoleni uma uzobhala ukuze ungazitholi usutatazeliswa ngabanye abafundi ababuzana ukuthi ufunde wagcina kuphi. Kugweme nokugeja isikhathi sokuqala kwesivivinyo ukuze ungabhali usutatazeliswa yisikhathi.
- Zama ngakho konke ukuhambisana nesikhathi uma ubhala ukuze ungazitholi usunenkinga yokungaliqedi iphepha. Ufunde imibuzo ngokuyiqonda. Lokhu kuzophinde kukusize ekutheni ube nesikhathi esanele sokubhekisisa izimpendulo zakho ngaphambi kokuthi uphume ekilasini obubhala kulo. Qala ngokuphendula imibuzo oyiqonda kangcono.
UMFUNDI ka-matric waseChief Luthayi High eMpumalanga, uZithulele Tshagala, ematasa nezifundo zakhe njengoba kusasa eqala ukubhala izivivinyo Isithombe: BONGANI MBATHA