IKHOMISHINI yokuLingana ngokoBulili, isishayela ihlombe isinyathelo soMnyango wezeMpilo sokuthi uphenye ngezinsolo zokuthi kunabesifazane abakhishwa izibeletho ngempoqo ezikhungweni zezempilo, KwaZulu-Natal naseGauteng ngoba benegciwane lengculazi.
NgoFebhuwari ikhomishini yethula umbiko ngabesifazane abakhishwa izibeletho ezikhungweni zikahulumeni zezempilo KwaZulu-Natal naseGauteng ngenxa yokuthi babenesandulela ngculazi. Yayithole isikhalo ngo-2015. Kulo mbiko ikhomishini yathi abesifazane baphucwa ilungelo lokuzikhethela ukuthi bayathanda yini ukuba nezinye izingane noma cha.
Ngeledlule uNgqongqoshe woMnyango wezeMpilo uDkt Zweli Mkhize uvele ngaphambi kwekomiti lasePhalamende lezempilo, abesifazane, intsha nabaphila nokukhubazeka ngalolu daba, ezochaza ukuthi umnyango wakhe usuhambe kangakanani ngophenyo njengoba ikhomishini yayenze izincomo zokuthi uphenye.
UDkt Mkhize ngemuva kokuphuma kombiko wamemezela ukuthi usesungule ithimba elizophenya ngezinsolo eliholwa ungoti wezifo ezithinta umgudu wenzalo kwabesifazane, uSolwazi Motshedisi Sebitloane waseNyuvesi yaKwaZulu-Natal.
UDkt Mkhize uthe uphenyo seluqalile kodwa luphazamisekile ngenxa yokuthi kuhlasele iCovid-19 lusaqalwa.
UMqondisi jikelele woMnyango wezeMpilo uDkt Sandile Buthelezi, uthe kwabesifazane abangu-18 abafaka izikhalo bathole abayisishiyagalolunye. Ithimba kulindeleke ukuthi lithole amafayela abesifazane, libheke imibiko yabo yezempilo, libheke ukuthi bawasayina yini amafomu okuthi bafuna ukuvala inzalo, uma bawasayina kubhekwe ukuthi zazikhona yini izizathu zezempilo ezazenza ukuthi kube nesidingo sokuvalwa inzalo, lithole abasebenzi bezempilo abathintekayo.
UNkk Tamara Mathebula usihlalo weKhomishini yokuLingana ngokoBulili uthe: “Kuyasijabulisa ukuthi kukhona okwenziwayo siyethemba ukuthi ngeke kusaba khona ukubambezeleka kophenyo nokuthi uphenyo luzoholela ekutheni kwenziwe ubulungiswa ngalolu daba.”
Uthe bazobheke ukuthi uphenyo luqhubeka kanjani.
“Abesifazane abathintekayo sicela babambisane nethimba eliphenyayo. Kumele bathinte amahhovisi ethu akhona kuzo zonke izifundazwe uma befuna ukufaka izikhalo,” kusho yena.
Owesifazane waseMlaza othi wakhishwa isibeletho kwesinye sezibhedlela abelethela kuso, uthe ulinde ukuthi bajeze abasebenzi bezempilo abamphuca ilungelo lokuzikhethela. Uthe abahlengikazi abebedinwe ukuthi ukhulelwe ebe enesandulela ngculazi uthe bamsayinisa ifomu ayezitshela ukuthi eyokuthi uzohlinzwa ngoba isibeletho sakhe sinenkinga.
“Ngezwa ngemuva kweminyaka ngabeletha ukuthi isibeletho anginaso ngoba nganginezinhlungu engangicabanga ukuthi ezesibeletho . Ngemuva kokuhlolwa ngatshelwa ukuthi sakhishwa. Ngaphucwa ilungelo lami lokuzikhethela, Ngizizwa ngingaphelele. Uyise wezingane zami angikaze ngimtshele ukuthi isibeletho sakhishwa,” kusho yena.