KUSHONE abanye abantu abangamakhulu amathathu neshumi nesihlanu (315) eNingizimu Afrika emuva kokuhaqwa yiCorona, okwenza isibalo sanyukela ku7 812 kuzwelonke.
Lezi zindaba zidalulwe nguNgqongqoshe wezeMpilo kuleli, uDkt Zweli Mkhize, ezinkundleni zokuxhumana izolo.
"Njenganamhlanje, isibalo esesiqinisekisiwe sabantu asebehaqwe iCovid-19 sesifinyelele ku482 169, isibalo sasebesishiyile sesifinyelele ku7 812 kanti asebeluleme sebengu309 601," kusho uMkhize kuTwitter.
Kulabantu aba315 abasishiyile emhlabeni kubalwa abawu121 base-Eastern Cape, abawu96 baseGauteng, abawu55 baKwaZulu-Natal, 34 baseWestern Cape nabangu9 baseNorth West.
"Sidlulisa amazwi enduduzo kwabathandiweyo abasishiyile futhi siyabonga kubasebenzi bezempilo ebebelapha abasishiyile," kusho uMkhize.
Sebebonke asebesishiyile emhlabeni bami kanje: Eastern Cape (1 700), Free State (154), Gauteng (1932), KwaZulu-Natal (767), Limpopo (67), Mpumalanga (65), North West (81), Northern Cape (29) naseWestern Cape (3017).
Isibalo sabahaqekile kuzwelonke sona simi kanje: Eastern Cape (77055), Free State (20398), Gauteng (171574), KwaZulu-Natal (73919), Limpopo (8240), Mpumalanga (13280), North West (18811), Northern Cape (4402), Western Cape (94440) no50 wabangaziwa ukuthi abakuphi.
Sebebangaphezu kuka11 000 abantu abahaqekayo kuleli, okwenza lesi sibalo sinyukele ku482 167.