UKUTHANDA ukubukeka kahle, bafaneleke uma begqokile kwenza ukuthi abanye abantu besifazane basebenzise i-sellotape ukunamathisela amabele ngoba bekholwa ukuthi u-bra awuyilungele impahla abasuke bezoyigqoka ngaleso sikhathi. Lokhu kwenza amabele ame ngendlela abayifisayo.
Lo mkhuba, owenziwa kakhulu kulezi zinsuku, waziwa nge-breast taping. Kusetshenziswa izinto ezehlukene ukunamathisela amabele ame ngendlela ezohambelana nengubo umuntu asuke efuna ukuyigqoka.
UNksz Mamsie Mkhwanazi we-Afrolicious uthe abantu besifazane abaningi bayazifela ngokugqoka izimpahla ezithungwe ngendwangu eyaziwa ngokuthi i-Illusion fabric (lace).
"Le ndwangu yenza ukuthi ubone konke okusemzimbeni womuntu, ayigqokeki no-bra. Osaziwayo bona baye bahlinzwe amabele ukuze ame ngendlela futhi kubukeke kahle. Abantu abangenayo imali yokuyohlinzwa nabo bayathanda ukubukeka kahle, base beqala indlela yokuthi basebenzise izinto zokunamathisela amabele ahambisane naleyo ngubo. Abanye bakwenza ngoba kwenziwa ngabantu abadumile. Thina njengabasiki bengqephu senza lokho okufunwa yikhasimende. Njengamanje abantu bayazifela ngokugqoka izinto eziveza imizimba. Akuwona amabele kuphela anamatheliswa ngezinto ezithile, nezisu kwenziwa okufanayo kuzo. Abanemali bayazihlinza, abangenayo imali bathenga imikhiqizo eyehlukene ukuze zincishiswe," kusho uNksz Mkhwanazi.
I-breast taping yenzelwa ukuphakamisa amabele ukuze kwenzeke i-cleavage noma alale athi mba esifubeni, kungabonakali ukuthi akhona noma abukeke emancane futhi ame. Abanye bakwenzela ubuhle, abanye bakwenza uma bezobe bedansa noma benza izinto ezizobenza banyakazise umzimba, bengafuni ukuthi amabele abaphazamise.
Abenza i-breast taping bathi kuyenzeka abesifazane abazishintshile baba ngabesilisa (transgenders) nabo bakwenze lokhu.
Ngokujwayelekile kusetshenziswa i-sellotape ejwayelekile, i-medical tape ne-sports strapping tape.
Ongoti bezempilo bathi ukumpintsha amabele ngo-bra ngoba ufuna ukubukeka kahle uma ugqokile kuyingozi, ingasaphathwa eyokuthi amabele ananyatheliswe nge-sellotape engadalelwanga ukunamathela esikhumbeni.
Bathi lokhu kungalimaza isikhumba ngaphandle, kudale ukuthi amabele nengxenye yomzimba enanyatheliswe nge-sellotape ivuvukale noma noma ibe nezigaxa.
Ucwaningo olwenziwe yisishoshovu sezempilo, uDkt Sydney Ross Singer, alushicilelele encwadini yakhe, iDress to kill: the link between breast cancer and bras, luveza ukuthi ukugqoka u-bra isikhathi eside kungaba nomthelela wokuthi abesifazane babe nomdlavuza webele.
Le ncwadi ike yafundwa engqungqutheleni, iWorld Congress on Breast Cancer ngo-2018, iveza ukuthi nakuba o-bra benzelwe ukuthi benze ibele lime ngendlela kodwa banobungozi.
Omunye wodokotela, ocele ukungadalulwa ngoba ethi okwamanje alukho ucwaningo oluke lwenziwa mayelana nalo mkhuba, uthe: " Indlela yokuphila kuyenzeka ibe nomthelela ezifeni yingakho phambilini kwawona umdlavuza ubungemningi kubantu abathile ngoba indlela ebebephila ngayo beyehlukile. Ukushintsha kwempilo kuholele ekutheni bande abantu abahlaselwa umdlavuza neminyaka obahlasela bekuyo nayo ishintshe. Isikhathi esikuso manje sesiqhamuka nendlela entsha yokuzenza ubukeke kahle ngokunamathisela amabele, nakho lokhu kuzoqhamuka nezinye izinkinga zempilo," kusho yena.