I-USA ikhiphe imiphumela yomunye umgomo onemiphumela ekhomba ukuvikeleka kwiCovid-19 ngo-94.5% ngoMsombuluko .
Kwenzeka lokhu ngemuva kwesonto kuvele imiphumela yokuhlolwa komunye umgomo kulo leli lizwe ekhombisa ukuvikeleka kwiCovid-19 ngo-90%.
Umgomo wakamuva ubuhlolwa yiModerna Inc, ucwaningo lwawo olwenziwe kubantu lukhomba ukuvikeleka ngo-94.5%.
Ngeledlule iPfizer neBioNtech ikhiphe imiphumela yowayo umgomo obukhomba ukuvikeleka okungu-90%.
Imiphumela yale migomo yomibili kusengeyesikhashana. Amavolontiya ayingxenye yocwaningo lweModerna angu-30 000.
Isitatimende esikhishwe iModerna sithe ucwaningo olwenziwa kubantu lusesigabeni sesithathu kanti imiphumela yesikhashana ikhomba ukuthi kukhona ukuvikela okwenziwa yilo mgomo ohlolwayo.
Yomibili imigomo ohlolwe iModerna nohlolwe iPfizer isebenzisa ubuchwepheshe obufanayo obaziwa nge-mRNA.
Okwamanje imigomo ayikabhaliswa esikhungweni esilawula ukukhiqizwa kwemithi kuleliya lizwe ngoba ubuchwepheshe obusetshenziswe kuyo busha abaziwa. Imigomo ehlolwayo idinga ukuhlala efrijini kodwa iPfizer idinga isiqandisi esibanda kakhulu esingekho ezibhedlela eziningi, bekunemibuzo yokuthi uma kungathiwa iyaphasiswa izogcinwa kuphi futhi uma ihanjiswa ezibhedlela izofakwa kuphi ukuze ingonakali kanti iModerna ingakwazi ukuhlala nasefrijini lasekhaya elijwayelekile.
UDkt Jabulani Ncayiyana waseNyuvesi yaKwaZulu-Natal uthe ulwazi oluningi oluthinta le miphumela alukadalulwa ngakho akukuningi kakhulu okwaziwayo ngale migomo kodwa imiphumela yayo inikeza ithemba.
“Imininingwane yokuthi ngabe isebenza kanjani, ngabe ivikela ukuthi umuntu angangenwa yiCovid-19 noma iyamelapha asikabinayo. Le migomo njengoba ikhiqizwa e-USA uma ingaphumelela kungathatha isikhathi ukuthi ifike e-Afrika. Uma isifika ngicabanga ukuthi kuyoba nohlelo lokuthi ngobani okumele bagonywe kuqala okungaba abantu abanezifo ezingamahlalakhona, abadala nabasebenzi bezempilo ngoba umgomo ngeke uthi ufika ube sewenele ukugoma bonke abantu,” kusho yena.