BANGASHESHE batholakale abanesifo sofuba uma bonke abazohlola ukuthi abanayo yini iCovid-19 bengasale sebehlolwa nokuthi banaso yini lesi sifo.
Owayengumengameli waseMelika, uMnuz Bill Clinton, uthe siyanda isibalo sabantu abathelelane ngesifo sofuba njengoba abantu kade bebehleli emakhaya.
Uthe iningi labantu selike layohlola ukuthi alinayo yini iCovid-19 , wathi uma kungasetshenziswa lelo thuba abantu bangasheshe baqale ukwelashelwa lesi sifo bengakaguli kakhulu.
UClinton ubekhuluma engqungqutheleni yamazwe omhlaba lapho bekuxoxwa ngezifo ezithinta amaphaphu, i- 51st Union World Conference on Lung Health, eyenziwa ngezobuchepheshe eqale ngoLwesibili ephela namhlanje.
Uthe akufanele ohulumeni bagxile ekutheni kutshalwe imali ezosiza ekutheni izifo ezithinta amaphaphu zilawuleke kuphela kodwa kumele babheke nokuthi lezi zifo kumele zinqotshwe.
“ Kumele sithuthukise izindlela zokwelapha nezinye izifo zamaphaphu ukuze singasukumi kuphela ngoba sekunomonakalo,” kusho yena.
Uqhube wathi iCovid-19 iphazamise ukwelashwa kwezinye izifo zamaphaphu.
“Lokhu kuphazamiseka kusinikeza ithuba lokuthi sibukisise izinhlelo esinazo sibheke ukuthi sifuna ukuthi ikusasa ekwelapheni lezi zifo libe njani,” kusho yena.
Le ngqungquthela ibheka ukuthi iCovid-19 ngabe isondelene kangakanani nezinye izifo zofuba nokuthi inamuphi umthelela kuzona.
UMqondisi jikelele weWorld Health Organisation (WHO), uDkt Tedros Adhanom Ghebreyesus, uthe iCovid-19 izophela, kodwa isifo sofuba, ugwayi nokungcoliswa komoya kusazoqhubeka.
“Amazwe akangacashi ngeCovid-19 uma ehluleka ukwelapha isifo sofuba ngoba yisifo esinesikhathi sikhona nezinhlelo zokuselapha kade zikhona kanti iCovid-19 iyafika kusekuningi okungaziwa ngayo,” kuxwayisa uGhebreyesus.