NGOKWEZIBALO zakamuva zesikhungo esicwaninga uketshezi kuleli iNational Health Laboratory Service, ezindaweni zasemadolobheni izibalo zakhona zikhomba ukuthi oyedwa kwabesifazane abayisishiyagalombili unomdlavuza webele.
Kule nyanga okuyinyanga yokuqwashisa ngomdlavuza webele, iBreast Imaging Society of South Africa (BISSA) inxuse abantu besifazane abaneminyaka ewu-40 kuya phezulu ukuthi bazihlole ukuthi abanawo yini umdlavuza.
USihlalo weBISSA uSolwazi Jackie Smilg, uthe kubalulekile ukuthi umuntu onalo mdlavuza asheshe azazi ukuze aqale uhlelo lokuwulawula.
“Ukusheshe kutholakale ukuthi umuntu unawo yini umdlavuza kusiza ngokunciphisa amathuba okuthi abatholakale benawo bashone, ngoba uhlelo lokuwulawula lusheshe luqalwe,” kusho yena.
Uthe umdlavuza webele uhlasela abesifazane abakuzo zonke izigaba akukhathalekile ukuthi baneminyaka emingaki nokuthi baphila impilo esezingeni eliphansi noma eliphezulu.
“Ukuhlale uzihlola ukuthi awunawo yini umdlavuza kuholela ekutheni umdlavuza webele utholakale usesebeleni ungakasabalali kwezinye izingxenye zomzimba okuyinto eyenzeka uma ungasheshanga ukutholakala. Kunabantu abanezinkolelo zokuthi uhlelo lokuhlola umdlavuza kusetshenziswa umshini obulala ama-cells omdlavuza, yilo olwenza ukuthi abahlolwe ngawo bangenwe yilo mdlavuza. Alukho ucwaningo olufakazela lokhu,” kusho uSolwazi Smilg.
Mayelana nabantu abasengcupheni kakhulu uthe bonke abesifazane basengcupheni yokuthi babe nomdlavuza webele kodwa labo asebekhulile banamathuba amaningi okuthi bahlaselwe yilo mdlavuza uma beqhathaniswa nabaneminyaka ewu-45 kuya phansi.
-Abesifazane abazalwa emindenini enabantu abake baphathwa yilo mdlavuza banamathuba aphindaphindiwe okuthi nabo babe nawo.
-Owesifazane oke waphathwa wumdlavuza ebeleni elilodwa kunamathuba amaningi okuthi nelinye ibele libe nawo umdlavuza ngokuhamba kwesikhathi.
-Abesifazane abahlolwe ibele emshinini wakhombisa ukuthi linezindlala, elingenawo amafutha kunamathuba amaningi okuthi bahlaselwe wumdlavuza ngoba kuba nzima ukuthi usheshe ubonakale.
-Abesifazane abakhuluphele ngokweqile ucwaningo oluke lwenziwa phambilini lukhomba ukuthi ukukhuluphala ngokweqile kwengeza amathuba okuhlaselwa wumdlavuza.
Olunye ucwaningo luveza ukuthi abesifazane abakhuluphele uma beke balashelwa lo mdlavuza maningi amathuba okuthi uphinde ubuye kubona.