KUGQUGQUZELWE abantu abanovalo lokugoma ukuthi bangesabi, ngenkathi kugonyelwa iCovid-19 ePeople’s Park, eMoses Mabhida, eThekwini, izolo.
Kulolu hlelo, oluqale ngoMsombuluko, bekugcwele abantu asebekhulile abaqhamuka ezindaweni ezahlukene zakuleli dolobha.
USomlomo weTheku, uNkk Weziwe Thusi, uthe umkhandlu uhlele ukugoma abantu abadala abangu-330 000.
Phakathi kwezinye izindawo ezinhlanu athe kuqhutshwa kuzo lolu hlelo, ubale iPinetown Civic Centre, KwaMashu Indoor Sport Centre, Amanzimtoti Civic Centre nezibhedlela, iClairwood nePrince Mshiyeni eseMlaza,
Uthe izindawo okugonyelwa kuzo zizokwanda uma kunyuka isibalo sabantu ababhalisela ukugoma.
“Sihlele ukuthi sigome abantu abadala abangu-67% ngaphansi kwalo mkhandlu. Siyabanxenxa bonke abantu abadala ukuthi bagome njengoba benezifo ezingamahlala khona ezibeka impilo yabo engcupheni. Sicela nabaholi bomphakathi babe nesandla ekusilekeleleni ekutheni sigqugquzele abantu abadala ngobumqoka bokuba yingxenye yalolu hlelo,” kubeka uNkk Thusi.
UDkt Nandipha Phahla (53) waseMhlanga, ongumsebenzi wezempilo, obengomunye wabantu abebeyogonywa izolo, uthe kumele abantu bazi ukuthi akukho zinkinga abazohlangabezana nazo uma begoma.
“Ngibhalisele ukugoma esigabeni sokuqala ngoFebhruwari kodwa ngabe senginquma ukudedela ozakwethu abasebenza ngabantu ngoba mina ngiwumsebenzi ozinze kakhulu ehhovisi. Kulesi sigaba sesibili, ngisukumele phezulu njengoba ngingomunye wabantu abazogoma namhlanje (izolo). Kubalulekile ukuthi sigome sonke uma sisazimisele ngokuphila,” kubeka uDkt Phahla.
UMnuz Falake Mkhwanazi (62) waseNkandla kodwa ozinze eThekwini ngokomsebenzi, uthe ubone kumqoka ukugoma njengoba emdala ngokweminyaka.
“Ngingumuntu ozilandela kakhulu izindaba futhi bengilokhu ngibona imibiko engemihle yabantu abebethathwa yileli gciwane. Yingakho ngingahudulanga izinyawo ngenkathi kumenyezelwa ngohlelo lokugoma,” kubeka uMkhwanazi.
UNkk Nana Cele (64) waseMbilo uthe ubone kukuhle asheshe azivikela kwiCovid-19 kunokuthi alashwe sesimkhahlamezile emzimbeni.
“Njengamanje sibheke kwisivuvu sesithathu ngakho-ke kubalulekile ukuthi abantu bangalindeli ukuthi balashwe ngoba sebegula,” kuphetha uNkk Cele.