Mbali Khanyile
UGQUGQUZELE omama ngokubaluleka kokuncelisa izingane zabo ubisi lwebele uNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkk Nomagugu Simelane-Zulu ngesikhathi kwethulwa izibalo zabantwana abazalwe ngosuku lokuqala ku2021.
Ungqongqoshe ohalalisele yonke imindeni yezingane ezizalwe ngalolu suku, uthe umnyango uyakholelwa kakhulu ekutheni uzihluphe ngesimo sempilo yezingane. Uthe kusemqoka ukuthi wonke umzali ancelise ingane yakhe ubisi lwebele ngoba lubalulekile emzimbeni wayo.
“ Siyazi ukuthi akusiyo into ehlale ilula ukuncelisa ingane ubisi lwebele kodwa sithi abazame omama njengoba ludlala indima enkulu ekwakheni izakhamzimba enganeni. Lolu hlobo lokuncelisa alugcini nje kuphela ngokwakha izakhamzimba kodwa luphinde luqinise ubudlelwano obuhle phakathi kwengane nonina wayo,” kusho uNgqongqoshe.
Eqhuba uthe kumele omama balihloniphe ishadi elibafundisa ngokukhuliswa nokunakekelwa kwezingane ukuze zihlale ziyimiqemane ngaso sonk iikhathi.
Zingu-140 sezizonke izingane ezizalwe ngosuku lokuqala ku-2021 ngokwembiko yomnyango wezempilo esifundazweni. Zingu-77 izingane zabafana ezizalwe ngalolu suku. Angu-63 amantombazane esewonke.
UNksz Slindile Mkhize (35) waseNhlungwane, KwaSiqobelo otete amawele esibhedlela, iNkonjeni eMahlabathini, ubonge abasebenzi balesi sibhedlela ngokumlekelela ekuteteni izingane zakhe ngale kokuhlangabezana nenkinga.
“ Ngibonga indlela abangeseke ngayo onompilo baseNkonjeni ngesikhathi bengitetisa. Bekunzima kodwa ngikwazile ukunqoba ngenxa yendlela abebengisingethe ngayo,” kubonga uNksz Mkhize, umama wamawele.