SELUQALILE uhlelo lokubheka bonke abake bathintana nabanezinhlobo ezineCorona -19 ezitholakala e-India nase-UK kuleli.
USolwazi Koleka Mlisana, ongusihlalo wekomiti eleluleka ongqongqoshe abasemkhandlwini obhekele iCovid-19 kuleli, iMinisterial Advisory Committee (Mac), uthe lolu hlelo luqalwe ngemuva kokuthi kuvele imiphumela eqinisekisa ukuthi kunabantu abane bakuleli abatheleleke ngeB.1.167 yase-India, nabangu-11 abaneB1.1.7 etholakala e-UK.
USolwazi Mlisana uthe nakuba lungakabi khona ulwazi oluphelele abangakwazi ukulusebenzisa ukuze bakwazi ukuqhathanisa kahle la magciwane kodwa abakwaziyo wukuthi elase-India lithelelana ngokushesha, ekubeni nakuleli kune-501Y.V2 nayo etheleleka ngokushesha.
"Ukuzishintsha kwaleli gciwane kuzohlale kwenzeka. Okumele sikuqaphele singabantu wukuthi silandela imigomo ebekiwe yokuqhelelana, sifake izifonyo sigeze nezandla. Leyo yimigomo esiza kunoma yiluphi uhlobo lwegciwane olufikile," kusho uSolwazi Mlisana .
Uthe uhulumeni kumele enze isiqiniseko sokuthi abaphuma kwamanye amazwe bayahlolwa ngaphambi kokuthi bangene kuleli.
"Ukuhlolwa engikhuluma ngakho kangisho ukubheka izinga lokushisa. Ngisho ukuhlolwa okusezingeni elingaphezulu kwalokho, okuvezayo ukuthi kalikho yini leli gciwane kumuntu," kusho yena.
Uqhube wathi abakwaziyo njengamanje bengososayensi wukuthi igciwane lakamuva elitholakale kuleli, uma like lakungena likunikeza ukuvikeleka okungatheni liphinde likungene nokuthi ungabe usangenwa ngamanye amagciwane atholakale kwamanye amazwe.
"Emzimbeni wakha ngamasosha akuvikelayo, yize kunjalo kusamele uqhubeke ufake isifonyo. Okunye okungasisiza wukuthi uhlelo lokugoma luphuthume ngoba siyazi ukuthi yonke imigomo ekhona iyavikela ekutheni umuntu uma engenwe yileli gciwane angali kakhulu aze adinge ukuya ezibhedlela," kusho yena.
USolwazi Shabir Madhi, waseWits University, ongungoti wezifo ezidalwa ngamagciwane, uthe ukusabalala kwaleli gciwane e-India kakudalwanga wukuthi wukuthi lisabalala ngokwedlulele kodwa kudalwe wukuhlangana kwabantu abaningi ndawonye, okuholele ekutheni babe baningi abantu abahaqekayo ngesikhathi esisodwa.
"Nakithina lokho kungezeka uma sizoqhubeka nokulungiselela ukhetho. Uma kulungiselelwa ukhetho kusho ukuthi kuzoba nokuhlangana kwabantu abaningi. Asikwazi ukuvumela isimo esinjengaleso senzeke kuleli. Uma sikuvumele lokho, ekugcineni kuzoba nenkinga," kusho uMadhi.
Uthe okwaziwayo ngegciwane eselizishintshile elitholakala e-India wukuthi lisabalala ngokushesha okungalinganiselwa ku-60% ekubeni elase-UK lisabalala ngo-40%.
UNgqongqoshe wezeMpilo kuleli, uDkt Zweli Mkhize, unxuse umphakathi ukuthi ugweme ukuya ezindaweni ezinabantu abaningi ukuze unqande ukusabalala kwaleli gciwane.