UMPHATHISWA woMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uNksz Nomagugu Simelane, usehlabe ikhwelo lokushaya indesheni kubantu ababalelwa ku-117 000, okukholakala ukuthi badikile ukusebenzisa imishanguzo yokudambisa igciwane lesandulela ngculazi ama-Antiretroviral (ARV).
UNksz Simelane usho kanje njengoba uMnyango wakhe wethule umkhankaso i-Close The Gap, ababambisene kuwona noMnyango wezeMpilo ezweni neSouth African National AIDS Council.
Inhloso wukuthola abantu abangu-1.1 million, abanaleli gciwane kodwa abangayisebenzisi imishanguzo.
Isifundazwe sinabantu abalinganiselwa ku-1.5 million abasebenzisa ama-ARV ngendlela efanele, okunganele njengoba uMnyango usuqale ikhwelo lokufuna laba bantu osekuvele ukuthi sebeshiye phansi ukusebenzisa imishanguzo yabo.
“Sizimisele ukuthola laba bantu, baqhubeke basebenzise imishanguzo yabo ngendlela efanele, ngoba asifuni ukuthi kube khona umuntu ofayo ngenxa yokuthi uyeke ukusebenzisa imishanguzo yakhe. Lokhu kuba yingozi ngoba kuzokwenza ukuthi igciwane libuyelwe ngamandla lize likwengamele, okukubeka engcupheni yokufa. Siyazi ukuthi abanye bayeke imishanguzo ngoba nakhu sebekhathele ukuyisebenzisa kepha lokho asikukhuthazi nhlobo, kunalokho sifuna ukuthi baqhubeke nayo ukuze baphile isikhathi eside. Siyazi nokuthi abanye abantu bayeka imishanguzo ngoba sebebona futhi bezizwa bengcono, yingakho sikhuthaza ukuthi baqhubeke nemishanguzo yabo ngendlela efanele zikhathi zonke,” kusho uNksz Simelane.
Ukhale nangokuthi enye yezinto ezenza ukuthi imishanguzo ingenzi mehluko kwabayisebenzisayo, wukuthi bayisheba nophuzo oludakayo, okwenza ukuthi uma uphuza ngokweqile - kufane nokuthi awuyisebenzisi nhlobo, bese kuba sengathi ayisebenzi, kanti akunjalo.
“Ukungaphuzi utshwala akukwenzi umuntu ongahlakaniphile, kodwa uma uphuza utshwala asilwi nalokho, kodwa ukuphuza ngokweqile kuyinkinga ngoba kwenza ukuthi umuntu abuye akhohlwe wukusebenzisa imishanguzo ngesikhathi esifanele. Abanye bayakhohlwa imbala okwenza kube nenkinga ekugcineni,” usho kanje.
Umnyango kazwelonke uhlela ukuhambela ngisho emathaveni, ufune labo abadikile imishanguzo.
Kuhlelwa nokuthi abantu banikwe izijumbane zezinyanga eziyisithupha, ukuze bangayi njalo emitholampilo beyolanda imishanguzo yabo.