NJENGOBA sekungene ihlobo baningi abantu abazofuna ukwehla emzimbeni abanye baqale bashintshe indlela abadla ngayo nokudla abakudlayo.
Abanye badla imikhiqizo ebathembisa ukuthi emva kwesikhathi esithile bazoncipha emzimbeni okubuye kubizwe nge “spot reduction”
Abanye bake bazibuze ukuthi kungenzeka yini ukuthi unciphe endaweni ethize kuphela? UNksz Zinhle Masango obizwa nge-fitness Junkie oyi-nutritionist, athlete yase Under Armour utshele iphepha eliwuzakwethu i-IOL News ukuthi ngeke ukwazi ukunciphisa amafutha endaweni ethile kuphela.
“Amafutha agcwele umzimba wonke. Uma uzivocavoca usuke ushisa amafutha nama-calories umzimba wonke. Awukwazi ukuthi wenze ama squats bese uthi uzoncipha amathanga,” kuchaza uNksz Masango.
Uthe ukuncipha emzimbeni kuhamba nendlela yokudla ebhalansile ezoba nama-vitamin nama-carbohydrates ngoba zonke lezi zinto umzimba uyazidinga, ukuzivocavoca, ukuphumula, ukulala ngokwanele nokuphuza amanzi amaningi.
UMnuz Sibongiseni Ndwandwe oyi-fitness trainer utshele i-IOL News ukuthi uma ufuna ukuncipha emzimbeni kumele unyakaze.
“Kumele kube khona okwenzayo noma ukudlala nezingane, ukuhamba, noma ukwenza ingadi. Kulabo abasebenza behleli noma abangakwazi ukunyakaza kumele baqinise kakhulu ekudleni abakudlayo bangadli ukudla okunama-calories amaningi,” kuchaza uNdwandwe.
UNdwandwe uthe: “Abantu abangajwayeli ukuyeka ukudla ama-carbohydrates uma befuna ukwehla emzimbeni ngoba iwona anika umzimba umdlandla. Ukudla okunamafutha ungakudla kodwa hhayi njalo.”
Uphinde waxwayisa ngokuthi abantu uma bengena kwizinhlobonhlobo zama-diet kunokudla okuthile abangakudli okusuke kunomsoco odingwa umzimba, ungakuziba lokhu kudla ngaleso sikhathi kodwa kungabi ukuthi usuyakuyeka nje ngoba ingozi iqala lapho.
Uthe ukufuna ukubukeka kahle akumele kukufakele ingcindezi.
“Abantu bazifakela ingcindezi kakhulu nokungenza ukuthi bafune izinto ezingeke zenzeke emizimbeni yabo, nezinto ezingagcina zibalimaza. Engingakusho ukuthi umuntu kumele abheke ukudla akudlayo, bese eyazivocavoca usuku nosuku,” kusho uNdwandwe.