IGCIWANE iCovid-19 iDeltacron lakamuva eselikhona kunovalo lokuthi lizosabalala kakhulu kunamanye amagciwane. Ongoti bezempilo bathi lakheke ngokuthi kube nomuntu obephethwe yigciwane iDelta ne-Omicron ngesikhathi esisodwa.
Leli gciwane elitholakale ngasekupheleni kukaJanuwari selikhona eFrance, United States nakwamanye amazwe kodwa alikakafiki kuleli.
UDkt Maria Van Kerkhove wenhlangano yezempilo emhlabeni, iWorld Health Organisation (WHO), uthe uhlelo olusetshenziswayo lokubheka ukuthi leli gciwane lisabalala kangakanani emhlabeni lukhomba ukuthi okwamanje alikasabalali kakhulu kodwa kuseva ukuthi bangaqiniseka ukuthi ngeke lisabalale kakhulu.
"Leli gciwane liselisha akukuningi ososayensi abakwaziyo ngalo kodwa bayazi ukuthi lakheke ngokuthi kuhlangane amagciwane amabili kumuntu oyedwa. Yinto eyenzekayo nakwamanye amagciwane. Sisakubheka ukuthi lizoziphatha kanjani," kusho uDkt Van Kerkhove.
Ongoti bezempilo bathi nakuba besacwaninga ngaleli gciwane kodwa zikhona izimpawu ezihamba phambili, abantu abangabona ngazo ukuthi bahaqwe yilona.
Kuzo kubalwa ukukhathala, ukuba namafinyila, ukunkenketha kwekhanda, umphimbo obuhlungu, ukuthimula, ukugodola, imfiva, ukukhwehlela okunganqamuki, ukuhoshozela kwezwi uma ukhuluma, ubuhlungu besifuba, ubuhlungu bomzimba noma ukungalizwa iphunga nesiyezi.