UMNYANGO wezeMpilo kuleli uyakuphika ukuthi kukhona ukushoda kwenzinsiza zokuhlela umndeni ezikhungweni zezempilo zikahulumeni yize kunocwaningo olukhomba lokhu.
Ucwaningo lusanda kukhishwa yiThe Stop Stockout okuwuhlelo olwenziwa yinhlangano yodokotela, iRural Doctors Association of South Africa (RDASA).
UDkt Indira Govender, weRDASA, uthe ulwazi olukhomba ukuthi izinsiza zokuhlela umndeni ziyashoda luqoqwe ezikoleni zamabanga aphansi ezingu-400 zakuleli.
"Sithole ukuthi kushoda umjovo wokuvikela ukukhulelwa, iDepo. Lo mjovo unikezwa abesifazane njalo ngemuva kwezinyanga ezintathu. Abasebenzi bezempilo bebephoqeleka ukuthi banikeze abesifazane okunye kokuhlela umndeni okukhona. Ukwenza kanjalo kuphuca umuntu wesifazane ilungelo lokuzikhethela ukuthi umndeni ufuna ukuwuhlela ngani. Ukushintshisa umuntu wesifazane uthi akasebenzise lokho okukhona akuyona indlela ekahle ngoba nalokho okukhona kuzogcina kungasaneli," kusho yena.
Uthe ngokuthola kwabo, kwaphela inkontileka yenkampani ebinikeza umnyango le mijovo ngo-2017, kwaqala lapho ukuba nokuphazamiseka kodwa umnyango, esitatimendeni osithumele, uthe awunalo ulwazi lokuthi kunokushoda kwezinsiza zokuhlela umndeni.
UNksz Claire Waterhouse, wenhlangano yodokotela iDoctors Without Boarders, ucashunwe kweminye imithombo yezindaba ethi ukukhuthazwa kwabesifazane ukuthi basebenzise ezinye izindlela zokuhlela umndeni, ezifana namakhondomu, kubeka abesifazane engcupheni yokuthi bakhulelwe ngoba abesifazane kumele babonisane namadoda kuqala ngodaba lokusetshenziswa kwekhondomu.
"Siyazi ukuthi eNingizimu Afrika kunezinga eliphezulu lodlame olubhekiswe kwabesifazane, ukubonisana ngodaba lwekhondomu kungenzeka kungabi lula," kusho uNksz Waterhouse.
Le nhlangano beyenza ucwaningo ibheka ukushoda kwemithi eyehlukene kuleli okubalwa kuyo izinsiza zokuhlela umndeni, imishanguzo yesifo sofuba nezinsiza zokuhlola izifo ezifundazweni i-Eastern Cape, Free State, Gauteng, KwaZuluNatal, Limpopo, Mpumalanga naseNorth West.Kulolu cwaningo olwenziwe izinyanga ezintathu kukhulunywe neziguli ezingu-15 750.
Kuvele ukuthi kunemithi eshodayo ezikhungweni zezempilo zikahulumeni kuyo okuhlanganisa nazo izinsiza zokuhlela umndeni.
Kulolu cwaningo u-40% weziguli okukhulunywe nazo uveze ukuthi kushoda izinsiza zokuhlela umndeni, u-19% wathi awuyitholanga imithi noma azihlolwanga ngendlela obekumele zihlolwe ngayo, u-17% wathi awuyitholanga imigomo, u-16% waveza ukuthi awuyitholanga imishanguzo yengculazi noma uthole engaphelele ngesikhathi uyoyilanda ezikhungweni zezempilo.