“UMSEBENZI owenzayo akungabi yiwona ocacisa ukuthi usizo lwezempilo uzoluthola kuphi, kumele zonke iziguli zithole usizo lwezempilo olulinganayo.”
Lokhu kushiwo nguDkt Joe Kutzin wenhlangano yezempilo emhlabeni, iWorld Health Organisation (WHO), ngesikhathi kugujwa usuku i-International Universal Health Coverage Day, izolo. Umhlangano wokubheka izinhlelo zokuzama ukuqeda igebe elikhona phakathi kwabampofu nabacebile kwezempilo ububanjelwe kuleli.
UDkt Kutzin uthe emazweni amaningi uma umpofu awukwazi ukuthola ezempilo ezisezingeni ngoba kunezinhlelo eziningi ezihlelelwe abanemali, abampofu bagcina bengalutholanga usizo.
Uthe kudingeka ukuthi kutshalwe imali ohlelweni olulungele bonke abantu ukuze kusizakale wonke umuntu.
UNgqongqoshe wezeMpilo kuleli, uDkt Joe Phaahla, uthe kuleli njengakwamanye amazwe kunezinhlelo ezimbili zezempilo, olukahulumeni noluzimele, lapho kusizakala khona abanemali.
"Sivumele ukuthi ezempilo zizimele okwenza ukuthi izinsiza ezikhona ezingenele singakwazi ukuzisebenzisa sonke. Kuleli uma ufuna ukubonwa ngudokotela owungoti wesifo esithile, kumele uze uye esibhedlela noma kudokotela ozimele. Lo mkhakha wabazimele kunzima satshe ukuwulawula, uthola ukuthi isiguli simane sazihambela saya kungoti ngaphandle kokudluliselwa ngudokotela ojwayelekile ngoba kuzokhokha i-medical aid.
“Nayo i-medical aid ayibuzi mibuzo ngokuthi kungani lesi siguli singayanga kofuna usizo kudokotela ojwayelekile kuqala.
“Yona le medical aid ngemuva kwezinyangana uzwa kuthiwa isiphelile, isiguli sekumele siye kuhulumeni. Le nto yenza ukuthi sibone ukuthi kufanele ezempilo zihlanganiswe ukuze kungabi khona abantu abazosala ngaphandle okuhambisana nesibophezelo samazwe ahlangene, iSustainable Development Goals (SDG) ka-2030," kusho uPhaahla.
Uthe iNingizimu Afrika isiqalile ukulungisa leli phutha ngokuthi kube nomshuwalense wezempilo, iNational Health Insurance (NHI), esahlongozwa.
"Ukuqalwa kwalolu hlelo kuphazamisekile ngenxa yokuthi kuthe kusakhishwe umthethosivinyo ngawo ukuthi abantu abaphawule, kwahlasela ubhubhane lweCovid-19 kodwa kubuye kwabuyelwa ekusetshenzweni kwalo mthethosivivinyo kubhekwa izinto zomthetho. Okuyinkinga ukuthi yize lolu hlelo lungakaqali ukusebenza, sekunezinkampani esezifake umnyango enkantolo.
“Lokho kwenziwa ukuthi izinkampani ezingabanikazi bezibhedlela ezizimele zicebile, ngeke zivume ukuhlwithwa iqatha emlonyeni kalula, zizozama konke okusemandleni ukuze zizuze," kusho uPhaahla.
Uthe uhlelo lwezempilo olubhekelele bonke abantu akusho ukuthi lufuna ukuthi abantu bagcwale ezikhungweni zezempilo kodwa lufuna abantu baphile okusho ukuthi kumele kube nohlelo lokulawulwa kwezifo, iPrimary Health Care olusebenza kahle.
UDkt Kenny Jacobs, usihlalo wekomiti lezempilo ePhalamende lakuleli, uthe sekuphele iminyaka emithathu umthethosivivinyo weNHI uphazamiseka kanti lolu hlelo lwezempilo luzosiza ekutheni bonke abantu bakwazi ukuthola ezempilo ezisezingeni elifanele kungabhekwa ukuthi bampofu noma bacebile.