Phakathi kwezinye zezindlela ezihamba phambili, wukugquma okuyinto engeyintsha kubantu abaningi kepha osekuvele ukuthi uma ungakwenzi ngendlela kungaba yingozi.
Ongoti besikhumba bathi yize ukugquma ngalesi sikhathi kuyinto engaba wusizo kubantu kodwa akusho ukuthi wonke umuntu kufanele akwenze.
Ungoti wesikhumba eMhlanga, uDkt Cebi Sibisi, uthi ukugquma kufanele kwenziwe ngumuntu osuke eyalelwe wungoti futhi nakhona kunesidingo sakho.
UDkt Sibisi uthe selokhu kuqale iCovid-19 siningi isibalo sabantu besifazane asebenenkinga yesikhumba kulandela ukugquma.
“Ukonakala kwombala (pigmentation) ebusweni bomuntu kuyingozi ngoba kusuke kukhombisa ukuthi kunokuhlukumezeka kwesikhumba. Uma uzolokhu ugquma njalo kuzokwenza kube nzima futhi kuthathe nesikhathi ukulungisa lowo monakalo.
"Asikho isidingo sokugquma uma ungenalutho futhi kungashongo udokotela. Kunanowoyela abaconsiselwa emanzini nabo abadala umonakalo ngoba bavula ngokweqile izimbobo zesikhumba,” kusho uDkt Sibisi
Eqhuba uthe elinye iphutha elenziwa ngabantu abaningi, uma bezogquma wukubilisa amanzi ngokwedlulele.
UDkt Sibisi uthe into ebalulekile uma ugquma, wukuthi ubuso nomzimba kuthole ukufudumala hhayi ukuthi kubiliswe ngamanzi ashisa ngokwedlulele.
“Nanoma ngabe yini ethinta isikhumba inesikalo, ukuzibilisa ngamanzi kuyafana nse nokuzishisa ngelanga. Ngesikhathi usondeze kakhulu ubuso emanzini abilayo, kulimala isikhumba nezimbobo zokuphefumula ukushisa kungene ngamandla esikhumbeni.
"Uma uzogquma zonke izinsuku umonakalo uyanda. Yingakho noma umuntu ezogquma noma ezongena kwi-steam-room kukalelwe isikhathi nokufudumala. Isikhumba sobuso sishesha kakhulu ukuzwela. Uma ugquma njalo kungaba nomonakalo ongathatha isikhathi eside ukulungiseka.”
Amehlo nawo ngenye yezinto ezithintekayo nezilimalayo, uma umuntu egquma njalo ngamanzi abilayo.
Ephetha uDkt Sibisi uthe ziningi izindlela zokugcina umzimba ufudumele futhi ziningi nezindlela zokugquma ongazithola kongoti.
Akugcizelele kakhulu wukuthi umuntu aqale afune usizo kuqala nendlela efanele yokugquma.
Kulabo abaqhubeka nokukwenza emakhaya ngenxa yovalo lokuthi bazongenwa yizifo, uthe okungenani umuntu akakwenze adlulise izinsuku, amanzi kungabi abilayo futhi ubuso bungabi seduze kakhulu namanzi okugquma.