UMASIPALA weTheku unxusa abantu abahlala kuleli dolobha ukuthi uma kwenzeka belunywa yizinja baphuthume emitholampilo ukuze bathole ukwelashwa.
Okhulumela lo masipala, uMnuz Msawakhe Mayisela, uthe kule nyanga kubikwe izigameko ezimbili zabantu abalunywe yizinja ezinamarabi kuleli dolobha. Ziyisikhombisa izigameko esezibikiwe kusukela ngoJanuwari.
"Siyabanxusa abanikazi bezinja ezingagonyiwe ukuthi bagome izinja ukuze kuvikelwe ukusabalala kwalesi sifo," kusho yena.
UMayisela uthe izindawo okuke kwabikwa kuzo izigameko zamarabi kule ndawo ise-Adams, Nsimbini, Mbumbulu, Ngonyameni, Clare Estate, KwaDabeka, eSt Wendolins naseNanda.
Usho kanjena uMasipala weTheku nje, isikhungo esibhekelele izifo ezithathelanayo, iNational Institute for Communicable Diseases (NICD), sithe zingu-17 izigameko zamarabi adluliselwe yizilwane kubantu ezibikiwe kuleli kusukela kuqale unyaka.
Lesi sikhungo sithi lesi sibalo esiphezulu kunazo zonke esezike zabikwa kusukela ngo-2016.
Lesi sifo sitholakala ezilwaneni zasekhaya ezifana namakati nezinja, kubantu sidluliseleka ngokuthi umuntu alunywe yinja noma ikati elinaso. Ongoti bezempilo bathi ubungozi buba ngcono uma umuntu esheshe waya emtholampilo ngemuva kokulunywa yinja.
Lesi sikhungo sithe e-Eastern Cape, eNelson Mandela Bay naseBuffalo City zingaphezulu kuka-400 izigameko zamarabi ezilwaneni ezibikwe kulezi zifunda kulo nyaka.