ABESIFAZANE abanomlando wengcindezi yomphefumulo kunamathuba amaningi okuthi babe nenkinga yokukhulelwa.
Ongoti bezempilo bathi imithi yokwelapha ingcindezi yomphefumulo nayo inawo umthelela wokuthi abantu besifazane abayisebenzisayo babe nenkinga yokuthola abantwana okwengeza ingcindezi, igcine ingaselapheki.
Lezi zinkinga ongoti bezempilo bathi zigcina zidale ukuthi kube muncu ekhaya.
USolwazi Renata Schoeman owungoti wokwelulekwa ngokomphefumulo, uthe kubalulekile ukuthi owesifazane onale nkinga ahlale enaye umeluleki wezomphefumulo ngesikhathi eqala indlela yokwelashwa umgudu wenzalo yikhona ezomeluleka uma kwenzeka kuba nesidingo.
“Inkinga yomgudu wenzalo kwabesifazane nakwabesilisa iyefana kodwa abesifazane bezwela kakhulu kuyona ngoba umphakathi uhlale ubheke owesifazane kakhulu ngokuthi athole izingane emndenini. Uma leso sifiso singasenzeki esikhathini esiningi uzithola ehlukumezeka. Kule nyanga yabantu besifazane kugcizelelwa ukuthi kube nokulingana kwabesifazane nabesilisa, kubalulekile ukubheka ukuthi kubaluleke kangakanani ukuthi uma kuba nenkinga yongakwazi ukuthola abantwana aphathwe ngendlela elinganayo kungakhathaleki ukuthi ungowesilisa noma ungowesifazane,” kusho yena.
Inhlangano yezempilo emhlabeni iWorld Health Organisation (WHO), ithi uma owesifazane nowesilisa behluleka ukukhulelisana esikhathini esingangonyaka beya ocansini olungavikelekile, lokho kuchazwa ngokuthi banenkinga yokuthola abantwana.
Sekumele babone odokotela abazobasiza ukuze bazame ukulungisa le nkinga.
I-WHO ithi abathandanayo abanale nkinga bangu-48 million emhlabeni.
ENingizimu Afrika ithi bangu-20% abantu abanenkinga yokuthola izingane, e-Afrika abahlaselwe yile nkinga balinganiselwa ku-30 kuya ku-40% ngenxa yokuthi ezempilo eziqondene nokwelashwa kwale nkinga kuleli zwekazi azikho esimeni esihle.
“Abesifazane abanenkinga kubathatha isikhathi ukuthi bamukele ukuthi banenkinga, kwesinye isikhathi bazisola kube sengathi kunokuthile abakwenzile okuholele ekutheni babe nenkinga, abanye bayacasuka bafise ukuhlala bodwa okuholele ekutheni isikhathi esimnandi sokujabula komndeni singabe sisaba khona ngoba owesifazane uhlale ekhala,” kusho uSolwazi Schoeman.
Uthe yize udaba lwenkinga yokukhulelwa kuyinkinga okumele yelashwe ngodokotela abaqondene nalo mkhakha kodwa iba nomthelela ezinkingeni zokuphazamiseka komqondo zona ezidinga udokotela wezengqondo.