UKUSETSHENZISWA kwemithi eyelapha ukuvuvukala kwamehlo eyaziwa ngama-steroid, kungaholela ekutheni kulimale imbumbulu yehlo eyenza ukuthi umuntu abone kahle, agcine esehlaselwe yinhlanganisela yezifo ezingelapheki, okuthiwa yi-glaucoma.
Ama-steroid avamise ukusetshenziswa ngodokotela ngemuva kokuthi isiguli kade sihlinzwe esweni kulasha ukuvuvukala kodwa uma esetshenzisa njalo angadala izinkinga.
UDkt Chinedu Njezi owungoti wokwelashwa kwezifo eziholela ekutheni umuntu abone luvivi ezigcina zenze ukutho umuntu angaboni nhlobo uma zingalashiwe, uthe abantu kumele baqaphele uma besebenzisa imithi engamaconsi efakwa emehlweni ngoba uma leyo mithi ingama-steroid, bangazithola besenkingeni ngokuhamba kwesikhathi.
Uthe nakuba ucwaningo lwesayensi lungakavezi ngokusobala ukuthi i-glaucoma idalwa yini kodwa kuyavela ukuthi ukusebenzisa ama-steroid njalo, kudala ukuthi isimo sibe sibi kakhulu kanti umonakalo osewenzekile awube usalungiseka.
Usho lokhu nje, yingoba le nyanga esikuyo isetshenziselwa ukuqwashisa nokufundisa nge-glaucoma kuleli.
Lezi zifo singezinye ezihamba phambili eziholele ekutheni abantu bangaboni emhlabeni.
I-glaucoma uma ingelashwanga ibulala imithambo emincane esehlweni okuyiyona eyenza umuntu ukuba abone kahle.
UDkt Njezi uthe umonakalo odalwa yi-glaucoma ehlweni awube usalungiseka.
Ucwaningo olwenziwe eNigeria ngo-2015, lukhomba ukuthi ukungafundiseki kwabantu nge-glaucoma, kuholele ekutheni kube nenqwaba yabantu abaneminyaka engu-40 kuyaphezulu, abanalezi zifo.
ENingizumu Afrika bangu-4.5% kuya ku5.3% abantu abaneminyaka ewu-40 kuya phezulu abahlaselwa yi-glaucoma.