UKUFUNDA izincwadi noma amaphepha kuhlale kuchazwa njengento eyenza ukuthi ingqondo yengane ikhule kodwa ungoti ocwaninga ngezingane uSolwazi Diana Leyva, uthi ukunikeza ingane imisebenzi ethile yasendlini kuyayisiza kakhulu ukuze ikwazi ukucabanga ngokushesha nokuthi ikwazi ukuhlanganisa imibala nokuthi izinto zihambisana kanjani ngesikhathi yenza le misebenzi.
Lolu cwaningo lushicilelwe kwiThe Conservation lwenziwe nemindeni engu-248 engamaLathini (Latino) ehlala e-United States.
Laba bazali bebechaza ukuthi benza kanjani ukuthi izingane zabo zisheshe zibe nezinga eliphezulu lokucabanga besebenzisa imisebenzi yasekhaya ngoba bekubonakala ukuthi izingane zabo uma sezisesikoleni zenza kangcono ekuxoxeni izindatshana nokukwazi ukubhala nokubala.
Laba bazali batshele abacwaningi ngemfihlo yabo, abacwaningi base behlukanisa abazali izigaba ezimbili kwaba khona abazali abalulandelayo uhlelo lokunikeza izingane imisebenzi yasekhaya nabangazinikezi ngemuva kwezinyanga ezinhlanu kwabe sekubonakala ukuthi ngempela ukhona umehluko kulezi zingane ezinikezwa imisebenzi yesekhaya.
Lolu cwaningo luveza ukuthi imisebenzi esiza ingane ukuthi icabange kungaba ukuthi ilungiselela isidlo somndeni ngokubeka izitsha zokudla etafuleni, ukubhala igilosa ezothengwa , ukuzikhethela ukuthi izogqokani nokunye kuyayisiza ingane ngokuthi icabange, iphinde ikwazi ukuhlanganisa imibala nokubala.
1.UKUBHALA IGILOSA
Lolu cwaningo luveza ukuthi ingane ngesikhathi ibhala igilosa ifunda izinombolo, ukubhala, uma isencane kakhulu ize ikhuthazeke nokuthi idwebe lokho okumele kuyothenga uma kungukuthi ayikakakwazi ukubhala.
Ucwaningo luveza ukuthi abanye abazali okwenziwe ngabo ucwaningo bebeziyeka izingane zizame ukubhala nokufunda igilosa okwenze ukuthi zisheshe zikwazi ukubhala.
" Uma umzali esebuyile ezitolo ingane kuye kudingeke ukuthi ibheke ukuthi zonke izinto ebizibhalile zithengwe zonke yini. Lokhu kuyisiza kakhulu ingane ukuthi ikwazi ukuzama ukufunda nokubona ukuthi igama lichazani ngoba isuke iphambi kwayo," kusho usolwazi Leyva.
2.UKUPHEKA NOKULUNGISA ITAFULA
Ukuqoqa izithako nokuhlela ukuthi etafuleni kuzohlala abantu abangaki uSolwazi Leyva, uthe kunikeza ingane ithuba elihle lokuthi ifunde izibalo ngoba iyabala ukuthi amapuleti, izipuni nezinye izinto okudingeka ukuthi zibekwe etafuleni ngabe ziyalingana yini nabantu abazodla.
" Imibuzo engasiza ekutheni ingane ikwazi ukubala ukuthi uyibuze ukuthi ngabe kudingeka amapuleti amangaki, noma uyithume ukuthi ikukalele izithako zokupheka noma zokubhaka. Lokhu kuzoyenza ukuthi ibale," kusho uSolwazi Leyva.
3. UKUXOXA NGESIKHATHI SOKUDLA
Kweminye imindeni ukukhuluma etafuleni akuvumelekile kodwa lolu cwaningo luveza ukuthi uma kusetshenziswa lesi sikhathi ukuze ingane ixoxe ngokuthi usuku lwayo lube njani? Kusiza ngokuthi ikwazi ukubhala indatshana uma isisesikoleni, ingayixovi ngoba isiyazi ukuthi kumele indaba ilandelane kanjani.
"Abazali kumele ingane bayisize ngokuthi bayibuze imibuzo engezukwenza ukuthi iphendule ngo-yebo noma cha. Okunye okungasiza ekutheni ingane ixoxe kahle ukuthi ikhuthazwe ukuthi ikhulume ngento eyithandayo khona izovuleleka ixoxe kahle," kuchaza uSolwazi Leyva.
4. ULIMI OLUSETSHENZISWA EKHAYA
Ucwaningo luveza ukuthi kubalulekile ukuthi ingane uma isekhaya isebenzise ulimi olulula kuyo akukhathalekile ukuthi esikoleni kusetshenziswa luphi.
" Okubalulekile ukuthi ingane uma isekhaya ikwazi ukuxoxa kahle indaba. Lokhu kuzoyisiza ekutheni uma isisesikoleni ikwazi ukuhlanganisa kahle isebenzisa ulimi elisebenzisa uma isisekoleni.
" La masu angasebenza kuphela uma umndeni ujwayele ukupheka, udle ndawonye noma ungabantu abayithengayo igilosa. Kungasiza nabazali abamatasa ukuthi bangazifaki izingane ezinhlelweni ezibizayo zokufunda basebenzise izinto ezikhona emakhaya" kusho uSolwazi Leyva.