UMENGAMELI wakuleli uMnuz Cyril Ramaphosa uthe inkampani ekhiqiza umgomo weCovid-19 iJohnson & Johnson (J&J) ithembise ukuthi izoyiletha ngokushesha eminye imigomo kuleli.
Isikhungo esibhekelele ukuphepha kwemithi e-United States, iFood and Drug Association (FDA), imemezele ngoLwesihlanu ukuthi uphenyo lwayo luveza ukuthi imigomo engu-16 million, ekhiqizwe esikhungweni esikhiqiza imigomo yakwaJ&J eBaltimore, yonakele ngoba inezinsalela ze-AstraZeneca.
I-AstraZeneca kwatholakala ukuthi ayikulungele ukugoma abantu bakuleli ngenxa yegciwane eselizishintshile. Ingu-2 million imigomo ekuleli ethintekayo kule, okuthiwa inezinsalela ze-AstraZeneca. Leyo migomo umengameli uthe izolahlwa.
URamaphosa, obekhuluma emhlanganweni iG7 obuse-United Kingdom, uthe i-Aspen ithe isiqalile ukulungisa imigomo okumele ithunyelwe kuleli kuleli sonto.
Uhlelo lokusatshalaliswa kwemigomo kuleli luhamba kancane ngenxa yokuthi imigomo ifika kancane kodwa uRamaphosa uthe kuzolunga ngoba useke wakhuluma nanomengameli wase-US uMnuz Joe Biden ukuthi izwe lakhe linikele ngemigomo ezogoma abantu base-Afrika.
“Ngesikhathi sikhuluma noBiden ngikucacisile ukuthi imigomo ezonikelwa yi-US kumele kube ngezosiza e-Afrika neNingizimu,” kusho yena.
UNgqongqoshe wezeMpilo obambile uNkk Mmamoloko Kubayi-Ngubane, uthe ukulahlwa kwale migomo kuzoluphazamisa kakhulu uhlelo lokusatshalaliswa kwemigomo kuleli.
UDkt David Manyae, ungoti wezokuxhumana kwamazwe emhlabeni eNyuvesi yaseJohannesburg, uthe sekuyisikhathi sokuthi amazwe athathe isinqumo sokuthi kuxegiswe imithetho kudedelwe amazwe azikhiqizele imigomo yamazwe awo.
“Njengamanje azidingeki izimpi nokuklolodelana ngokuthi yiliphi izwe elingcono phakathi kwamazwe aseNtshonalanga neChina. Into edingekayo ukuthi kusindiswe abantu bonke kungakhathalekile ukuthi bahlala emazweni acebile noma cha," kusho yena.
USolwazi Mosa Moshabela weNyuvesi yaKwaZulu-Natal, uthe ukonakala kwemigomo okuthiwa kwenzekile emigomeni yakwa J&J kusho ukuthi inezinsalela zeminye imigomo, akukhona ukuthi yakhiwe ngezithako ezonakele.
“I-FDA ikwaze ukuthola ubufakazi kwi-batch eyodwa ukuthi inezinsalela ze-AstraZeneca eminye kuyasoleka ukuthi nayo intintekile," kusho yena.