UKUYA ezinsukwini kwabesifazane kuphazamisekile ngokuhlaselwa wuvalo nokhwantalala ngenxa yokukhahlamezwa yiCovid-19 emhlabeni jikelele.
Lokhu kuvezwe wucwaningo elwathulwe engqungqutheleni iSociety for Endocrinology Annual Conference, ebibanjelwe Edinburgh, e-United Kingdom (UK), ngeledlule.
Lolu cwaningo luveza ukuthi uvalo, ukwesaba nokungalali ngendlela kuholele ekutheni kuphazamiseke ukuya esikhathini ngendlela ejwayelekile kwabanye abantu besifazane.
Lolu cwaningo luveze ukuthi le miphumela yamanje kayenele, kusadingeka ukuthi kuphinde kwenziwe olunye ucwaningo oluzoveza ukuthi ngabe lezi zinkinga zizoba namthelela muni ngokuhamba kwesikhathi?
Lolu cwaningo luveza ukuthi ukungalali kwenza ukuthi ama-hormones angasebenzi kahle, umuntu wesifazane angayi ngendlela ezinsukwini zakhe okugcina sekuholele ekutheni abe nesisu esikhulu. Lokhu akugcini lapho, kuphazamisa nomgudu wenzalo kube nzima ukuthi umuntu wesifazane athole abantwana.
UDkt Michelle Maher ongomunye wabacwaningi ebebenza ucwaningo ngabantu besifazane abangu-1 300 oluqalwe ngo-Ephreli, uthe bebebheka ukuthi abantu besifazane banengcindezi engakanani? Bebheka ukwesaba, ukuthi balala amahora akahle yini? Bebebheka nokuthi baya kanjani ezinsukwini zabo?
Uthe laba besifazane ukuya ezinsukwini zabo okungaqondile, ukungayi nhlobo ezinsukwini, ukopha kakhulu noma ukuba nobuhlungu besinye uma bezoya ezinsukwini zabo.
Uqhube wathi u-56% wabantu besifazane ebebeyingxenye yalolu cwaningo bathe izinsuku zabo zishintshile selokhu kufike iCovid-19. Uveze ukuthi u-64% uthi izihlungu oba nazo ngaphambi kokuya ezinsukwini zabo zidlulele ngalesi sikhathi kanti u-54% uthe wehlelwe ugqozi lokuya lokuya ocansini.
UDkt Maher uthe laba bantu besifazane abebekhathazeke kakhulu, benovalo ngenxa yeCovid-19, bonke basesigabeni sokuthi bathole izingane. Abebevele benenkinga yokhwantalala ngaphambi kokuthi kufike lesi sifo, uthe izinkinga zabo ziphindaphindeke kabili.
UDkt Maher uthe: "Esikutholile ukuthi kudingeka ukuthi kube nokwelashwa okuqondile okuhlanganisa izifo ezithinta ingqondo nokuphazamiseka kokuya esekhathini."
Ngokubona kwakhe, uthe lolu cwaningo luzosiza ekutheni kube nokuqonda ukuthi umgudu wenzalo usebenza kanjani? Luphinde lusize nasekutheni uma kwenziwa imithetho yezempilo kube nokuqonda.
"Lolu cwaningo lwenziwe ngesikhathi kuqalwa uhlelo lokugoma, kungenzeka ukuthi imiphumela elandelayo ingabe isafana ngenxa yokuthi abantu abaningi bazobe sebegomile, uvalo selwehlile.“
Uqhube wathi ithimba labacwaningi lisafuna ukuqhubeka licwaninge ezinye izinyanga eziyisithupha, libone ukuthi kuzokwenzekani kulaba besifazane ngaleso sikhathi.
Okunye athe bazokubheka, ukwehla nokwenyuka komfutho wegazi (BP), ukukhuluphala noma ukuncipha, ukulangazelela ucansi nokuvuthwa kwamaqanda abesifazane abayingxenye yalolu cwaningo.
“Abantu besifazane siyabakhuthaza ukuthi basheshe babonane nodokotela uma bebona kuphazamiseka ukuya ezinsukwini kwabo; kungaba ukweqiwa yinyanga, ubuhlungu obungajwayelekile, ukopha kakhulu, ukwehlelwa wumfutho wokuya ocansini nokuzizwa bekhathazekile, bephelelwa ubuthongo nokunye,” kusho uDkt Maher.
– Asian News Time (IOL)