SENYUKE ngo-56% isibalo sabantu baseNingizimu Afrika abahlaselwe wukhwantalala oluwumphumela weCovid-19 .
Lokhu kuvezwe wucwaningo olwenziwe yinkampani ekhiqiza amakhambi okwelapha izifo, iPharma Dynamics.
IPharma Dynamics yenze ucwaningo ngabantu abawu-1 200 bezifundazwe ezehlukene yathola ukuthi ingcindezi ehambisana neCovid-19 iholele ekutheni isibalo sabahlaselwa wukhwantalala senyuke.
Imiphumela yocwaningo isanda kukhishwa. Ihambisana nokuthi u-Okthoba uhlelelwe ukuthi ube yinyanga yokuqwashisa ngezifo ezithinta ukuphazamiseka kwengqondo.
Imenenja ePharma Dynamic, uDkt Abdurahman Kenny, ophethe uphiko lwezempilo, ithe abantu abaningi ebebekwazi ukulawula izifo ezintinta ukuphazamiseka komqondo, abasakwazi ukuzilawula ngenxa yengcindezi eyengeziwe edalwe yiCovid-19.
Uthe ngesikhathi benza ucwaningo babheka ukuthi bangakanani abantu abanokhwantalala ngalesi sikhathi, bathola ukuthi ziningi izizathu ezenze ukuthi babe nokhwantalala kodwa zonke ziwumxhantela weCovid-19
“Kuhlaluke ukuthi * -53% wabantu okwenziwe kubo ucwaningo ulahlekelwe wumsebenzi. Lokho sekubenza babe nokhwantalala, abanye behliselwe iholo ngenxa yokuthi inkampani ebebesebenza kuyo kayisakwazi ukubakhokhela iholo eliphelele ngenxa yayo iCovid-19, noma bangosomabhizinisi abaphoqeke ukuthi bavale amabhizinisi abo ngoba engasayenzi inzuzo ngenxa yemigomo yokusebenza ehambisana nokunqandwa kokusabalala kweCovid-19,” kusho * -Kenny.
Kwabanokwantalala uthe * -81% usuzidlela noma yini ngoba uthi uzama ukupholisa ubuhlungu obhekene nabo, * -20% usuzinikele kakhulu otshwaleni, * -18% ingcindezi ubhekana nayo ngokubhema ugwayi, * -6% ubhema insangu, * -22% usebenzisa amaphilisi alapha imbandezeko.
U-60% wabantu okwenziwe kubo ucwaningo uvumile ukuthi awusayinakekeli impilo njengoba kade wenza ekuqaleni, u-52% wavuma ukuthi awusakwazi ukulala kahle.
U-20% wabathandanayo uthe usuxabana kakhulu kunakuqala kanti u-68% uthi ukhathazeke ngesimo somnotho, u-44% awusakwazi ukukhululeka njengakuqala ngenxa yokuhlala ucabanga, u-6% usuke wazama ukuzibulala ngoba uhluleka ukubhekana nesimo.
UKenny uthe ngenxa yesimo kulindeleke ukuthi babe baningi abantu abazogcina sebesebenzisa izidakamizwa bethi benzela ukuthi bangacabangi kakhulu kanti bazifaka enkingeni enkulu.
“Makhulu amathuba okuthi babe baningi abantu abaphathwa yizifo ezithinta ukuphazamiseka kwengqondo ngoba ziningi izinto eziwushintsho ezifike neCovid-19. Ukuphela komsebenzi nengcindezi yezomnotho, ukwesaba ukuthi uzohlaselwa yigciwane, uvalo lokuthi kungenzeka ufe, ukungakwazi ukumelana nokuhlala ngawedwana ngesikhathi ugonqile, ingcindezi yokufundisa izingane ekhaya okuyinto ebingekho phambilini, konke lokhu kusitshela ukuthi baningi abantu abazozithola benezifo ezithinta ukuphazamiseka kwengqondo.”