UNGQONGQOSHE wezeMpilo kuzwelonke, uDkt Joe Phaahla, uthe ukugunyazwa komgomo kamalaleveva iMosquirix kuzosiza i-Afrika yonke.
UDkt Phaahla, owusihlalo wekomiti le-Afrika esenzansi elibhekelele ukuqedwa kwesifo umalaleveva i-South African Development Community's Malaria Elimination Eight Initiative (E8), uthe umgomo ungowokuqala ophasiswe yiWorld Health Organisation (WHO) futhi uzokwenza umehluko omkhulu ezwenikazi i-Afrika.
Uthe sekuphele iminyaka eyevile kweyishumi kucutshungulwa ngomgomo kamalaleveva. Wathi uyajabula ukuthi ngemuva kwesikhathi esingaka iWHO ithathe isinqumo sokuthi iphasise ukuthi lo mgomo ukuthi ukhiqizwe bese usatshalaliswa nase-Afrika.
UPhaahla uthe iMosquirix izosetshenziswa kanye nezinye izinsiza ezikhona zokunqanda ukusabalala kukamalaleveva emazweni ase-Afrika kuwo okubalwa i-Angola neMozambique.
“Lo mgomo uyingqayizivele ezosiza ekulweni nalesi sifo esibulala abantu abangu-1 million ngonyaka kuwo okubalwa nezingane ezingu-260 000 ezineminyaka engaphansi kwemihlanu," kusho uDkt Phaahla.
Uqhube wathi nakuba umalaleveva ungekho mandla eNingizimu Afrika kodwa nakhona abasengcupheni bazogoma.
" Ukunqandwa kukamalaleveva emazweni ahamba phambili ngokuba nayo kuzoba wusizo nakuleli njengoba umalaleveva eNingizimu Afrika ujwayele ukuphatha abantu abasuke bephuma kula mazwe. Sizokwenza isiqiniseko sokuthi umgomo utholakala emazweni odingeka kuwo ukuze kuvikelwe ukufa kwabantu abadala nezingane ezibulawa yilesi sifo ," kusho yena.
Uqhube wathi ukugunyazwa kofmgomo olwa nezifo ezibulala abantu ezingena ngokuthi balunywe yizinambuzane kuyinto enkulu kakhulu.
"Izifo ezidluliselwa izinambuzane kubantu kunzima kakhulu ukuzelapha uma ziqhathaniswa namanye agciwane akhona. Sekuphele iminyaka eminingi ososayensi bezama ukuthola izindlela zokulwa nala magciwane, yingakho ngithi umgomo ubaluleke kakhulu ukhombisa ukuthi siya phambili," kusho yena.