SEHLILE isibalo sabesifazane abaziyisayo ukuze bahlolwe ukuthi abanawo yini umdlavuza webele.
Inkampani eyakha imishini yekuhlola nokwelapha izifo, iKeystone Radiology, ithi kulo nyaka isibalo sabesifazane abahlolwayo sehle ngo-50%.
UDkt Pierter Henning weKeystone Radiology, unxuse abesifazane ukuthi basebenzise * -Okthoba - inyanga eyaziwa ngeyokuqwashisa ngomdlavuza webele - ukuya ezikhungweni zempilo bazihlole.
“Ukubheduka kweCovidi-19 kuholele ekutheni sehle isibalo sabesifazane abazihlolela umdlavuza. Lokhu kungaholela ekutheni ngokuhamba kwesikhathi babe baningi abesifazane abatholwa ukuthi banalo mdlavuza futhi ususezingeni eliphezulu, okuzoholela ekutheni abanye umdlavuza wabo ungabe uselapheka. Umdlavuza webele uyelapheka uma usheshe watholakala,” kusho uDkt Henning.
UNkk Thamo Mbatha-Gasa waKwaMakhutha, oke waba nomdlavuza webele, uyavumelana noHenning ukuthi iningi labantu alikwazanga ukuya ezikhungweni zezempilo ngenxa yeCorona.
Uthe bekumele ayokwenza i-papsmear ngoMeyi, wajikiswa esibhedlela bathi babhekela iziguli ezineCorona kakhulu.
“Ngangingaqhubeka ngichaze ukuthi mina ngidinga ukuhlolwa ngenxa yesimo sami kodwa ngoba nami ngangesaba ukuthi kungenzeka ngithole iCorona esibhedlela, ngajika ngabuyela ekhaya.
“Ngize ngaya esibhedelal futhi kuleli sonto ngoba sengizwa ukuthi kukhona okungahambi kahle esibelethweni sami. Imiphumela ithi kunesigaxa esikhula ngendlela engavamile, esenginovalo lokuthi kungenzeka ukuthi wumdlavuza,” kusho uNkk Mbatha-Gasa.
Uthe iCorona yenze ukuthi abantu bakhohlwe wukuthi kunezinye izifo ezibulalayo njengawo umdlavuza.
UNkk Mbatha-Gasa uthe ngo-2012 wathola ukuthi unomdlavuza ena-32 okwakuyinto engavamile ukuthi umuntu ongangaye abe nomdlavuza webele.
“Kwase kunesikhathi ngizwa sengathi nginethumba phakathi ebeleni kodwa elingaphumeli ngaphandle. Nganginganaki nje ngoba kwakungebuhlungu. Ngaze ngathi ngiziyele emtholampilo ngihambise ingane ngathola iphepha elinemininingwane yomdlavuza, kwayima ngethuka ngibona ukuthi izimpawu ezichazwa kulo nami nginazo.”
Uthe umdlavuza wase uhambe kakhulu kwadingeka ukuthi ibele lisuswe lonke bese eqala i-chemotherapy.
“Ngaqala ukugula sengenza i-chemo, izinwele zaphuma ngaba nembungculu. Ngaqale ngazitshela ukuthi ngizofihla ngingawutsheli umphakathi kodwa ngagcina sengithathe isinqumo sokuthi ngibhale kwiFacebook, ngitshela abantu ukuthi uma behlangana nami bangangibuzi ngezinwele zami futhi nemibuzo eminingi ngeke ngikwazi ukuyiphendula.
“Ukuxhaswa engakuthola yikho okwangenza ngaba nesibindi sokubhekana ngqo nomdlavuza, kwaba uwafa wafa wagcina unqotshiwe ngo-2014,” kusho uNkk Mbatha-Gasa.