SEKUPHELE izinsuku ezinhlanu izibalo zabahaqwa yiCovid-19 kuleli ziba ngaphezulu kuka-5 000 ngosuku.
Lokhu kwenyuka kwezibalo zeCovid-19 kutolikwa ngokuthi sesisemome isiqubu sesithathu sokuhlasela kweCovid-19 kuleli. Kwezinye izifundazwe lesi siqubu sesingenile.
Izibalo zakamuva zikhomba ukuthi bangu-5 074 abahaqwe yileli gciwane emahoreni angu-24 okuholele ekutheni izibalo zabahaqwe yileli gciwane zibe ngu-1 696 564.
Ababulewe yileli gciwane emahoreni angu-24 bangu-56 osekuholele ekutheni babe ngu-56 974 ababulelwe yileli gciwane selokhu langena kuleli.
Kulaba bantu abangu-56 abashonile, abayisithupha ngabaseFree State, abayisikhombisa abaseGauteng, abangu-15 abaseNorthern Cape, oyedwa owaKwaZulu-Natal, abayisithupha abaseWestern Cape.
UMnyango wezeMpilo kuleli esitatimendeni uthe u-93% wabebenaleli gciwane sebeluleme okusho ukuthi abantu abangu-1 578 033 sebeluleme.
UDkt David Nabarro wenhlangano yezempilo emhlabeni i-World Health Organization (WHO), ucashunwe kweminye imithombo yezindaba ethi okwamanje ukuqeda iCovid-19 akuyona into engenzeka.
Uthe igciwane lizoqhubeka nokuziphindaphinda okuzoholela ekutheni imigomo ekhona ingabe isasebenza ngendlela ebilindelekile. Into okumele yenzeke ukuthi abantu bafunde ukuphila nalo igciwane.
"Ukuphila neCovid-19 yinto okumele sizifundise yona ngoba kuyabonakala ukuthi leli gciwane lisazoba khona isikhathi eside," kusho yena.
Uqhube wathi into okumele abantu bayiqaphele kakhulu ukuthi ukuthelelana kwaleli gciwane kulawuleke, kungabi phezulu kakhulu.