BALINGANISELWA ku-6.5 million abantu abadinga usizo lwezempilo oluqondene nokuphazamiseka kwengqondo ezweni.
UNgqongqoshe wezeMpilo, uDkt Joe Phaahla, uthe kulaba bantu kukhona abadinga usizo olujwayelekile lokunakekelwa nabadinga ukunyangwa okusezingeni eliphezulu, okubalawa nokulaliswa ezibhedlela. Uthe imibhede ehlelelwe ukuthi kulale kuyo iziguli ezinezifo zokuphazamiseka kwengqondo ingu-19 000 eNingizimu Afrika.
Lapha kubalwa imibhede esezikhungweni zempilo zikahulumeni nezizimele.
UPhaahla ubesho lokhu ngesikhathi ephendula umbuzo obuzwe nguNkk Michéle Clarke weDA ePhalamende mayelana nokuthi mingaki imibhede ehlelelwe ukulala iziguli ezinezifo zokuphazamiseka kwengqondo kuleli nokuthi iziguli zona zingaki, ongoti bezempilo abakhona abakwazi ukuzelapha bona bangaki?
Ungqongqoshe uthe kulesi sibalo kulinganiselwa ekutheni abangu-1.2 million abasha abaneminyaka engu-15 kuya phezulu, abadinga ukunakekela okusezingeni eliphezulu kodwa imibhede ekhona ezikhungweni zempilo ingu-19 752.
"Ezikhungweni zempilo zikahulumeni ingu-14 060 imibhede ehlelelwe ukulalisa iziguli ezinezifo ezithinta ukuphazamiseka kwengqondo, ezikhungweni ezizimele ingu-5 692 imibhede ehlelelwe iziguli ezinalezi zifo," kusho yena.
Lokhu kusho ukuthi ongoti abelapha lezi zifo bayashoda kanjalo nemibhede ekhona imbalwa kuneziguli ezinalesi sifo.Umbiko obhalwe phansi obufundwa wungqongqoshe uveze ukuthi izifundazwe eziyisishiyagalolunye sesizivalile izikhala ezingu-451 zodokotela abangabeluleki bezengqondo nomphemulo, izikhala ezingakagcwaliswa zingu-187.
Uqhube wathi zintathu izifundazwe eziqashe odokotela abangongoti abaningi kulesi sibalo.
I-Western Cape yiyona ehamba phambili ngokuqasha amapsychologist njengoba iqashe angu-99, ilandelwe yiNorth West eqashe angu-41 neKwaZulu-Natal enangu-35, ezinye izifundazwe zihlanganisiwe ziqashe angu-17.
ILimpopo inamapsychologist ayisithupha kuphela, iFree State inamane, iMpumalanga inamathathu, i-Eastern Cape neNorthern Cape banamabili isifundazwe ngasinye.
Uqhube wathi amapsychologist ashodayo angu-187 kumele agcwalise izikhala ezifundazweni eziyisishiyagalombili, iWestern Cape kudingeka igcwalise isikhala esisodwa kuphela.
E-Eastern Cape, Limpopo naseMpumalanga kunezinga eliphezulu lokushoda kodokotela abangongoti zonke lezi zifunda izinga lokushoda liphakathi kuka-80% no-83.33%.
E-Northern Cape izinga lokushoda kongoti lingu-66.67%, eFree State lingu-50%, KwaZulu-Natal lingu-28.57%, eNorth West lingu-12.77%, eWestern Cape lingu-1%.EWestern Cape ungoti oyedwa welapha iziguli ezingu-71 856.
Uthe izibalo zaseGauteng azikho ngoba alukho ulwazi lwakhona olukhombisa ukuthi ungoti ngamunye ubhekene neziguli ezingaki.UNkk Clark uthe iDA isazothumela eminye imibuzo ePhalemende ukuze uMnyango wezeMpilo uzochazela ikomiti lezempilo ngamasu nezinhlelo onazo zokulungisa isimo.
"Kuyamangaza ukuthi usizo luncane ngesikhathi izwe libheneke nenkinga abantu abaningi benezinkinga zokuphazamiseka komqondo nengcindezi ngenxa yesimo somnotho, ukuphela kwemisebenzi nezinye izinkinga zansuku zonke.
“Akukho lapho bezosizakala khona ngoba izikhungo zempilo azinabo ongoti kabenele,” kusho uNkk Clark.