PHILI MJOLI
SIPHINDAPHINDEKE kathathu isibalo sabantu ababulewe yiCovid-19 emhlabeni kunaleso esisaziyo.
Lokhu kuvezwe yinhlangano yezempilo emhlabeni iWorld Health Organisation (WHO) esithangamini nabezindaba sakamuva.
Izibalo ezikhona njengamanje zithi bangu-3.4 million abantu ababulewe yileli gciwane emhlabeni selokhu sabheduka eChina ekupheleni kuka-2019 kodwa iWHO ithi izibalo eziyizona ziphindaphindeke kathathu kulezi.
UDkt Samira Asma, osophikweni olucubungula ulwazi kwi-WHO, uthe nakuba abanye abantu bengabulawanga yiCovid-19 ngqo kodwa bebengeke bashone ukube belungekho ubhubhane oluholele ekutheni bangakutholi ukwelashelwa isifo abanaso base beyashona.
"Izibalo zabashone ngenxa yaleli gciwane luphindaphindeke kabili noma kathathu kunokubikwe ngokusemthethweni," kusho uDkt Asma.
Uthe ngokombiko owenziwe yile nhlangano ngo-2020, kuvela ukuthi okungenani bangaphezulu kuka-3 million abanye abantu abashonile ukufa kwabo okweyamaniswa neCovid-19 ngqo.
Ngaleso sikhathi izibalo ezisemthethweni zababulewe yigciwane uthe zazikhomba ukuthi bangu- 1.8 million abashonile.
Ebuzwa ukuthi ngabe izibalo zababulewe wubhubhane uma ehlanganisa nalabo bantu manje zithini, uphendule ngokuthi: "Ngicabanga ukuthi kuphephile ukuthi ngithi isilinganiso esiyiso kungaba ngabantu abaphakathi kuka-6 kuya ku-8 million".
Uthe iWHO ibisebenzisana namazwe ukuze iqonde izibalo zangempela zabantu ababulewe wubhubhane.
Uthe lokhu bebekwenzela ukuthi bazihlinzekele ezinye izimo eziphuthumayo ezingavela ngesikhathi esizayo
Uqhube wathi:" Ukungafani kolwazi kudalwe yizinto eziningi phakathi kwazo ukusilela emuva kokushicilelwa kwababulewe yigciwane kwamanye amazwe. Elinye iqiniso ukuthi abanye abantu abazange bahlolwe ukuthi babulewe yigciwane noma cha, abanye baze bashona bengazange belashelwe lona ngoba abazange bakwazi nokufinyelela ezikhungweni zezempilo ukuze bahlolwe ngenxa yemigomo yomvalelandlini ebikhona. Abanye babulewe ezinye izifo ngenxa yokuthi abakwazanga ukuthola ukwelashwa ngoba kubhekenwe nobhubhane."