ONGOTI bezempilo baxwayisa ngobungozi besifo i-myopia
Image: SIZWE NDINGANE
IMIKHANKASO yezihlaka zezempilo ezahlukene emhlabeni yokuzama ukulwa nokubhoka kwezifo ezithile ilokhu iqhubeke njalo njengoba zilokhu zanda izifo eziba yingozi empilweni yabantu, ezinye zazo abantu abaningi abangaqondi ukuthi ziyini.
Esinye salezo zifo okubatshazwa ubungozi bazo yi-myopia, isifo esidala ukuthi umuntu angaboni kahle into esuke ikude naye, kuphoqe ukuthi ize isondezwe eduze naye ukuze ayibone. Yingakho kunomkhankaso waminyaka yonke owenziwa emhlabeni jilelele iMyopia Awareness Week, owenziwa ngoMeyi 23 kuya ku-28, ukuzama ukufundisa abantu ngaso, nokubaqwashisa ngokumele bakwenze noma bakugweme ukuze bagweme ukuhaqeka.
Ucwaningo lweSouth African Optometric Association (SAOA) lusanda kudalula ukuthi i-myopia yisona sifo esiyimbangela enkulu yokuthi abantu bagcine bengaboni emehlweni, kanti lubalule nokuthi uma kuqhubeka kanjena kungenzeka ukuthi kushaye u-2050 ingxenye enkulu yabantu emhlabeni ibe isinalesi sifo, okusho ukuthi kubantu abasemhlabeni abayobe belinganiselwa ku-10 billion ngaleso sikhathi, abawu-5 billion kubona bayobe bephethwe yilesi sifo.
Iyini yona i-myopia?
Yisimo esiba sesweni esidala ukuthi umuntu angayiboni kahle into ekude noma ebuqamama naye. Lesi simo sibuye futhi saziwe ngokuthi yi-near-sightednesss ngenxa yokuthi abantu esibaphethe basuke besakwazi ukubona into uma iseduze nabo. Ebantwini abaphethwe yilesi sifo ibhola leso phecelezi i-eyeball iba yinde kakhulu kunalokho okumele ngabe iyikhona, okwenza ukuthi into umuntu ayibukayo ebuqamama naye ingabonakali kahle, kuze kudingeke ukuthi ibe seduze naye andukuba ayibone kahle.
Sidalwa yini lesi sifo kumuntu?
Kungaba wufuzo noma ngenxa yandawo umuntu akhulela kuyona, nokho sekuvamile ukuthi abantu abahaqwa yilesi sifo kube ngenxa yezizathu zesimo sendawo abakhulele kuyona. Ucwaningo lwabezempilo lukhomba ukuthi lokhu kuvame ukwenziwa wubude besikhathi umuntu asisebenzisa efunda into ethile noma egqolozele i-screeen okungaba ngesikamakhalekhukhwini, i-tablet noma ikhompyutha.
Ubona kanjani ukuthi usucathanyelwa yilesi sifo?
Kuvame ukuthi kube wukuthi into ungayiboni kahle uma ikude noma buqamama nawe. Izingane ezincane zivame ukuphathwa yikhanda noma kube buhlungu emehlweni okudalwa wukwehluleka kwamehlo azo ukugxila endaweni isikhathi esisodwa ngenxa yalesi sifo. Lesi sifo sivame ukuqala ukuziveza ezinganeni zisakhuula ngakho kumqoka ukuthi abazali basheshe ukuqaphela izimo ezinjena, baqikeele ukuthi izingane zabo azisondeli kakhulu phambi kwethelevishini uma ziyibuka, kanjalo futhi uma zicofa noma zisebenzisa umakhalekhukhwini - zingawusondezi kakhulu emehlweni, nokuthi ugweme umkhuba wokulokhu ucwayizisa amehlo uma ubuka into ngoba kungaba nomthelela omubi.
Selashwa kanjani lesi sifo?
Nakuba ukufaka izibuko zamehlo kuyindlela ejwayelekile esetshenziswa ngabantu abasuke bephethwe yilesi sifo, kodwa akusizi ukusinqoba. Ucwaningo olusanda kwenziwa ngabezempilo lukhomba ukuthi ukufaka izibuko kwakhona kungagcina kubhebhethekisa inkinga, kunokwenza ukuthi kube ngcono. Into eze isize wukuthi kuncishiswe i-eyeball kosuke ephethwe yilesi sifo ngokuthi ahlinzwe, noma kusetshenziswe umuthi ofakwa kuyona ukuzama ukuyinciphisa. Into eyinkinga ngalesi sifo wukuthi uma singelashwa ngokushesha singadala ukuthi lowo esimphethe egcine engasaboni nhlobo emehlweni, yingakho kudingeka ukuthi usheshe ukusukumele ukuselapha kungaze konakale kakhulu.
Inkinga nge-myopia wukuthi ngeke ukwazi ukuyigwema ngokuphelele ngoba iwufuzo, iyadlulela kubantu ngokwezizukulwane, kodwa ucwaningo olusanda kwenziwa ngabezempilo ludalule ukuthi zikhona izaba ezingenziwa ukunqanda ukudlebeleka kwayo esizukulwaneni esizayo. Lokho kungenzeka ngokuthi izingane zigweme ukwenza lezi zinto ezenza ukuthi umuntu agcine enalesi sifo, zifundiswe lokho kuze kube semizweni yazo, kuthi nalabo abafaka izibuko zamehlo - bathole ezifanele nezilungele isimo sabo.
Kulele kubazali ukuqinisekisa ukuthi abantwana babo bayagwema ukungenwa yilesi sifo kalula ngokuthi bakhuthaze futhi bafundise izingane zabo ukusebenzisa ezinye izinto eziseceleni, ezizokwenza zingalokhu zigqolozele ithelevishini noma omakhalekhukhwini.