KUSENZIMA ukuthi kusungulwe izinsiza eziningi ezakhelwe amadoda afuna ukuhlela umndeni.
Lokhu kushiwo uDkt Zozo Nene oyinhloko yophiko olwelapha izinkinga ezithinta inzalo esibhedlela iSteve Biko obuye asebenze eNyuvesi yasePretoria. Ukusho lokhu ngesikhathi kunomhlangano wokucobelelana ngolwazi ngezinto ezenza ukuthi abantu bangakuthandi ukuhlela umndeni nokukhulelwa kwamantombazane asemancane. Lo mhlangano ubuhlelwe wuMnyango wezeMpilo kuleli obewenziwe ngezobuchwepheshe, izolo.
UDkt Nene uthe ukuhlela umndeni nakuba kunganele, kube yinto eyenziwa ngumuntu wesifazane kuphela kodwa okwamanje zisembalwa izinto ezikhona zabantu besilisa.
Uthe uma kucwaningwa ngokuhlela umndeni ngokwendoda, kusuke kubhekwa umkhiqizo ongaba yiphilisi okulula ukuthi iphinde ikhulelise uma isiyekile ukuhlela, elingeke liphazamise imizwa yocansi futhi elingabizi kakhulu.
"Okwenza ukuthi zingabi ziningi izinto ezikhona emakethe zokuhlela kwamadoda ukuthi umzimba wendoda kawufani nomuntu wesifazane. Umuntu wesifazane uneqanda elilodwa eliphumayo kuye ngenyanga kanti endodeni imbewu ekhiqizekayo ngosuku ingu-290 million. Ngesikhathi indoda ichitha imbewu isuke iphakathi kuka-20 kuya-40 million. Indoda ikhiqiza imbewu engu-1 500 ngomzuzwana, ngakho umkhiqizo okhona kumele ukwazi ukwenza zonke lezi zinto," kusho yena.
Uqhube wathi abantu abaningi besifazane bayesaba ukusebenzisa imikhiqizo yokuhlela ngoba besaba ukuthi izokwenza ukuthi bangabatholi abantwana.
"Lokhu kwenziwa ukuthi kunabantu abantu abasabalalisa ulwazi olungelona bese abanye abantu balukholwe. Ikhona eminye imikhiqizo eyenza ukuthi uma umuntu esebenzisa yona kube nenkinga," kusho yena.
UDkt Manala Makua woMnyango wezeMpilo uthe ukukhulelwa kwamantombazane asemancane aneminyaka ephakathi kuka-10 no14, kuyethusa.
"Ngo-2018, amantombazane anale minyaka akhulelelwa, ayengaphezulu kuka-2 000 nyakenye. Lesi sibalo sesiphindaphindeke kabili. Akufanele ngabe sikhuluma ngamantombazane anale minyaka akhulelwayo. Izingane ezingaka akumele ngabe ziyakhulelwa," kusho yena.
UDkt Alex Maisoto uthe lesi sibalo kungenzeka ukuthi singaphezulu ngoba amantombazane okukhulunywa ngawo aye ezikhungweni zezempilo, kawabelethelanga emakhaya noma azihushulele wona izisu.
"Lolu daba ludinga ukusukunyelwa ngoba amantombazane akhulelwe esamancane aba nezinkinga eziningi ezinye zazo eziwaholela ekutheni abelethe izingane ezinesisindo esincane. Enye yezinkinga, aba nokhwantalala olwenziwa ukuthi aye azibone ekhishwa inyumbazana, ngakolunye uhlangothi, enenkinga yokukhulisa ingane edinga ukuthi abe ngomama ngokuphelele, kungakhathalekile ukuthi uneminyaka emingaki. Ngakolunye uhlangothi, umuntu kusuke kusafanele aye esikoleni. Uba sengcupheni yokuthi agcine eyekile ukufunda," kusho yena.
Uthe kusamele ukuthi kusungulwe imitholampilo noma izinhlelo ezizobhekana ngqo namantombazane amancane ukuze angesabi ukuya emitholampilo ayohlela umndeni ngoba kuze kufinyelele esigabeni sokuthi akhulelwe nje, ayesaba ukuya emitholampilo ngoba abahlengikazi kwabona abakafundiseki.
"Kudingeka ukuthi sibe nabahlengikazi abangeke babehlulele ngokuthi sebefuna ukuhlela umndeni besabancane. Abahlengikazi abangeke basho uma bebone intombazane encane emtholampilo indaba igcine ifinyelele ekhaya, ingane ingabe isabuyela ngoba isaba," kusho yena.