UKUDLANGA kweCoronavirus kuleli okufaka ingcindezi ezikhungweni zezempilo kuholele ekutheni abantu abaningi babe nezinto abazisebenzisayo emakhaya ngethemba lokuthi zizokwenza ukuthi bangangenwa yileli gciwane, uma libangena bangaguli baze bafinyelele esigabeni sokuthi badinge ukuya esibhedlela.
Lokhu bakwenza ngokuthi baphuze imithi ethile abayiphuzayo emakhaya, abanye bayagquma,abanye basebenzisa izinto ezizokwenza ukuthi amasosha omzimba aqine ukuze uma lifika i gciwane libafice bengekho ntekenteke.
Ongoti bezempilo bathi zikhona izinto abantu abangazenza emakhaya eziyizaba. Namhlanje sibheka ukuthi yiziphi lezi zinto abangazisebenzisa futhi kumele bazisebenzise kanjani ukuze zingaphenduki ushevu kubona.
Ongoti bazempilo bathi ukuzelapha ekhaya akulula ngoba amakhambi amaningi alukho ulwazi lwesayensi olukhomba ukuthi ayayelapha iCoronavirus.
Amakhambi ahlale ekhona emakhaya amanye awo asetshenziselwa ukupheka aziwayo ukuthi ayawukhathaza umkhuhlane owejwayelekile nawo abukho ubufakazi bokuthi ayayikhathaza iCoronavirus ngakho kuba nzima ukwazi ukuthi kumele ufake isikali esingakanani.
Izinto ezihamba phambili abantu abaziphuzayo izinto ezaziwayo ukuthi ziyawukhathaza umkhuhlane ojwaylekile ezifana noginger, ugarlic, ulamula ukugquma zenziwa kakhulu ngalesi sikhathi ngoba kunenkolelo yokuthi kuyasiza nakwiCovid-19.
Ongoti bathi lamakhambi asekhaya anakho ukusiza kodwa kumele ungalinge uyeke imithi oynikwe udokotela uma unaleli gciwanwe nakuba nayo ingayelaphi iCovid-19 kodwa eyelapha izimpawu ezidalwa ukuthi isiguli sinaleli gciwane
UDkt Atiya Mosam owungoti okwelashweni kwezifo ezijwayelekile uthe ukugquma kuyasiza ekwehliseni ukucinana.
"Nakuba kungalelaphi igciwane kodwa kuyasiza ekwehliseni ukucinana abantu abaningi ababanakho uma bephethwe yiCovid-19. Kodwa abantu kumele baqaphele uma ukuthi basebenzisa isibulali magciwane ngoba umjuluko usuke unaleli gciwane ngakho akumele uthintwe ngomunye umuntu, ngoba naye angalithola leli gciwane," kusho uDkt Mosam.
UDkt Indira Govender uthe ukugquma kusiza uma unezimpawu ezingatheni kodwa akulelapheki igciwane.
Ukuphuza amanzi anolamula nane-ginger bayakuncoma ngoba bathi ano-vitaminC onikeza umzimba amandla okulwa namagciwane.
UDkt Mosan uthe amanzi anolamula naneginger ayasiza ukupholisa ubuhlungu bomphimbo nakho okujwayele ukuphatha iziguli ezineCovid-19.
“ Kulula ukuphuza ukuphuza amanzi anolamula nanoginger kumuntu okhishwa yisisu nomuntu ozizwa engakuthandi ukudla futhi uginger uyakuqeda ukucanuzela kwenhliziyo," kusho uDkt Govender.
Okunye okusizayo kumuntu onezinga lokushisa okuphezulu ukumbeka indwangu emanziswe ngamanzi antukuntuku.
UDkt Mosama uthe amanzi abandayo aphuma efrijini namanaqhwa awasetshenziswa.