INDODA eyodwa kwangu-17 isengcupheni yokuhlaselwa wumdlavuza wendlala yesinye, i-prostate cancer.
Lokhu kuvezwe yiCancer Association of South Africa (Cansa), njengoba kuyinyanga yokuqwashisa ngomdlavuza wendlala yesinye kubantu besilisa.
Lezi zibalo iCansa izithathe emqulwini oqukethe yizibalo zabahlaselwe yilo mdlavuza, iCancer Registry yango-2017.
UNkk Gerda Strauss oyisikhulu esiphezulu kule nhlangano, uthe ucwaningo olwenziwe kuleli nasemazweni aphesheya, luveza ukuthi umdlavuza uya ngokuya uba mandla kubantu besilisa abamnyama base-Afrika.
"Okumele sikuqaphele ukuthi umdlavuza uyathanda ukugadla uphindelela emindenini eyodwa. Kubalulekile ukuthi uma uyindoda wazi ukuthi emndenini wakho bakhona yini asebeke baphathwa umdlavuza? Uma bekhona kumele ubheke ukuthi babe naziphi izimpawu? Amadoda awakukhuthaleli ukuhlola imidlavuza ehambisana nokukhula yingakho amanye amadoda abulawa umdlavuza obungeke uwabulale ukube asheshe ahlolwa kwaqinisekiswa ukuthi anawo," kusho yena.
Umdlavuza wendlala yesinye utholwa ngokuthi kuhlolwe igazi kubhekwe iProstate Specific Antigen (PSA). Kubalulekile ukuthi amadoda aqale ukuzihlola eneminyaka ewu-40.
Uma kukhona ilungu lomndeni elike laba nomdlavuza owesilisa oyilungu lalowo mndeni usengcupheni yokuthi naye ahlaselwe umdlavuza.
UNkk Strauss uthe kunobudlelwano obukhona phakathi kwadoda adla ukudla onamafutha amaningi ezilwane okufana nenyama ebomvu enonile.
Ucwaningo olwenziwe yiCleaveland Clinic olwethulwe kule nyanga luveza ukuthi inyama ebomvu, isikhuphasha seqanda, imikhiqizo yobisi enamafutha amaningi, kungenza amadoda abe ne-prostate cancer enenkani.
UDkt Nima Shaffi ongomunye wabacwaningi uthe okwamanje lolu cwaningo luveze lokho, kusafuneka ukuthi baphinde benze olunye oluzocacisa kabanzi ukuthi yini ekulokhu kudla eyenza ukuthi umdlavuza ube nenkani uma sewelashwa?
USolwazi Riana Bornman, wophiko lweSayensi ethinta ezempilo eNyuvesi yasePretoria, uthe kubalulekile ukuthi indoda njalo ngonyaka izihlole ukuthi ayinayo yini i-prostate cancer ukuze itholakale isasesigabeni esiphansi.
“Ukuzihlola kumele amadoda akuqale eneminyaka ewu-45 kodwa amadoda ase-Afrika amnyama noma anamalungu omndeni aseke aba nomdlavuza kumele aqale eneminyaka ewu-40 ukuzihlola," kusho yena.
Umdlavuza wendlala yesinye ungumdlavuza wesibili ohlasela amadoda, umdlavuza wamaphaphu yiwo ohamba phambili.