UKUSABALALA ngokushesha kwegciwane leCorona elitholakale kamuva e-India kuzoba nomthelela ohlelweni lokuusatshalaliswa kwemigomo yeCovid-19 emazweni ase-Afrika.
UMqondisi Jikelele weNhlangano yezeMpilo eMhlabeni, iWorld Health Organisation (WHO), uDkt Tedros Ghebreyesus uthe ukusabalala ngendlela engalawuleki kwegciwane elitholakale e-India, kuyayithinta i-Afrika njengoba kuzomele yonke imigomo eyikhiqizayo, iyikhiqizele izwe layo ngaphambi kokuthi kudayiselwe amanye amazwe.
"Maningi amazwe ase-Afrika anesivumelwano sokuthenga imigomo yeCovid-19 e-India, okumanje alinde imigomo yawo. Ukubhebhetheka ngokwedlulele kweCorona kuleliya lizwe kuzofaka ingcindezi kubakhiqizi bemigomo, okuzodingeka ukuthi bakhiqizele ekhaya ngaphambi kokuthi bacabange ngokudayisa. Zikhona izinhlelo esezenziwe zokuthi imigomo ithengwe kwamanye amazwe ngenxa yokuthi i-India nayo ibhekene negcindezi yayo. Lokho kuzosho ukuthi lawo mazwe asezoba sekugcineni ohlelweni lwabazokhiqizelwa imigomo kulezo zinkampani ngoba nazo bezivele zinohla lwazo, lwamazwe ebezihlele ukuwakhiqizela," kusho uGhebreyesus.
UGhebreyesus wubekhuluma nabaholi bezempilo e-Afrika emhlanganweni wabo muva nje.
Uthe e-Afrika bangu-2% abantu abagonyelwe iCovid-19 uma beqhathaniswa nasebegome emhlabeni wonke.
Usho kanjena nje kuleli kutholakale ukuthi bane abantu abanegciwane elitholakale e-India, okudale uvalo olukhulu kubantu.
Abanye bagxeka uhulumeni ngokuthi akazange ayivale imingcele namachweba, ukuze leli gciwane lingafinyeleli kuleli.
USolwazi Barry Schoub, osekomitini eleluleka ongqongqoshe ababhekele iCovid-19 kuleli, iMinisterial Advisory Committee (MAC), uthe ukuvala imingcele namachweba bekungaba yisona sisombululo, ebesingasebenza kodwa ngenxa yesimo somnotho esintengayo kuleli ukwenza lokho kakusona isisombululo okwamanje.
“Okwamanje akusona isinqumo okumele sithathwe wuhulumeni uma sibheka isimo somnotho kuleli. Mhlawumbe uma isimo siya ngokuya siqina lokho kungacatshangwa,” kusho uSchoub.