ISIKHUNGO esibhekelele izifo ezithathelanayo, iNational Institute for Communicable Diseases (NICD), sithi izibalo zakamuva ezikhomba ukuthi abantu abasha abahaqwe yiCovid-19 ezithi bangu-37,857 zidalwe ubuhixihixi bamakhompyutha, njengoba izibalo zangempela ziwuhhafu walezi.
Isitatimende esithunyelwe yilesi sikhungo sithe izibalo eziyizo zabantu abasha abahaqekile zithi bangu-18 035.
"Izinga lokutheleleka kwabantu ngeCovid-19 liku-28.9%," kusho isitatimende.
Lezi zibalo bezithusa ngoba ezinkulu ezike zaba khona ezikaJulayi ezathi bangu-26, 645 abantu abahaqekile. Abantu abahaqwe yiCovid-19 kuleli selokhu yafika kuleli bangu-3,167,497
Abantu abasha ababulelwe yileli gciwane bangu-21, okuholele ekutheni izibalo zababulelwe yileli gciwane zibe ngu-90,137.
“Sibikelwe ngesonto eledlule ukuthi kunezinkinga zokwedluliselwa kolwazi lwabantu abahaqekile kumakhompyutha ezikhungweni zezempilo zikahulumeni. Kuthiwa abengakwazi ukudlulisa ulwazi lwabantu okutholakale ukuthi bahaqekile, okuholele ekutheni nathi singakwazi ukubika ngokushesha izibalo zaze zabikwa sekudlule isikhathi. Lesi sikhungo senza isiqiniseko sokuthi imibiko mayelana nabantu abasha abahaqekile siyikhipha injengoba injalo, akukho obekufihlwa. Sizoqhubeka senze njalo," kusho isitatimende.
Siqhube sathi abantu abasha abalaliswe ezibhedlela ngenxa yezifo ezidalwa yiCovid-19 bangu-96, osekuholele ekutheni abantu abalaliswe ezibhedlela ngenxa yeleli gciwane babe ngu-5,563.