ABACWANINGI abahlola umgomo wesandulela ngculazi bathi nakuba lo mgomo okhiqizwe ngobuchwepheshe imNRA, ohlolwa emhlabeni wonke, uthembisa uma uhlolwa ezilwaneni kodwa ngeke baqale bawuhlole kubantu okwamanje.
Bekulindeleke ukuthi kuphele unyaka lo mgomo ususesigabeni sokuhlolwa kubantu.
Ososayensi besikhungo iNational Institute of Allergy and Infectious Diseases (NIAID) sase-United States of America (USA) bathi kusekuningi okusamele bakubhekisise ngaphambi kokuthi baqale ucwaningo olwenziwa kubantu njengoba olwenziwe emagundaneni, luthembisa.
UPaolo Lusso ongomunye wabacwaningi futhi ongumbhali walolu cwaningo olushicilelwe emqingweni i-Journal Nurture Medicines eshicilelwe ngeledlule, uthe balwenza ngemigomo eyenziwa ngobuchwepheshe i-mRNA.
Uthe lobu wubuchwepheshe obusetshenziswe ngesikhathi kwenziwa imigomo yeCovid-19, buyethembisa kodwa bekumele bangaqhubekeli esigabeni esilandelayo kuze kube babhekisisa ezinye izinto. Uthe yingakho besimisile isigaba eslilandelayo sokuhlola umgomo kubantu obekumele siqale uma sekuphele esokuhlolwa kwawo ezilwaneni.
"Njengoba besenza ucwaningo ezilwaneni, sibonile ukuthi kudingeka ukuthi amagundane ajove izikhawu eziningi okungacishe kube wunyaka ngaphambi kokuthi kube nokuvikeleka okukhona futhi kwenziwe isikali esithe xaxa. Lokhu kusitshela ukuthi akumele siqhubekele phambili senze isigaba esilandelayo socwaningo ngoba sisafuna ukugculiseka kahle,“ usho yena.
Uthe lokhu akusho ukuthi sebephonse ithawula kodwa basafuna ukuthi benyuse izinga lokuvikela kulo mgomo, okusho ukuthi bazokwenza omunye ozobe namandla athe xaxa abazophinde bawuhlole ezilwaneni futhi ngaphambi kokuthi bawuhlole ngabantu.
"Uma kubonakala ukuthi kunomehluko ezilwaneni sizoqhubeka senze ucwaningo lwesigaba sokuqala ngabantu, siqale ngabantu abadala," kusho yena.
Ngo-Agasti, abakhiqizi bemigomo, iJohnson&Johnson, balumisa ucwaningo i-Imbokodo obelwenziwa ngabantu besifazane abangu-2 600 e-Afrika, ngoba bethi lolu cwaningo ebese luqhubeke iminyaka emibili, lukhombise ukuthi lo mgomo uvikela ngo-25% kuphela.
Umgomo weJ&J wona wenziwe ngohlelo lokwenza imigomo olwaziwa nge-viral vector vaccine.
Abacwaningi be-NIAID bathi ulwazi olutholakale kulolu cwaningo olwamiswa ngo-Agasti, bazolusebenzisa njengoba beqhubeka besebenzisa umgomo owenziwe ngobuchwepheshe, i-mNRA.
Ucwaningo lweJ&J bekumele luphele ngo-2023 olwemigomo ekhiqizwe nge-mNRA luzophela ngo-2024.
USolwazi Lynn Morris owungoti wamagciwane ocwaninga ngesandulela ngculazi kuleli, uthe ucwaningo olwenziwayo ngeHIV alukakwazi ukukhanda amasosha avikelayo adingekayo.
"Lokho akufani nokukhanda uketshezi oluvikelayo olwaziwa ngama-spike protein esibona kwenzeka. Inkinga esibhekene nayo ukuthi kusenzima ukwenza into efana ncamashi ne-HIV ukuze kuzothi uma i-HIV yangempela isihlasela emzimbeni, ifice umzimba sewakhe amasosha afana ncamashi. Amasosha adingeka ukuze azokwenza ukuthi ingangeni," kusho uSolwazi Morris.