NJENGOBA kuyinyanga yabesifazane, inkampani ekhiqiza imithi iphinde igqugquzele ukuthi abantu bazinakekele ngokuzihlola ukuthi abanazo yini izifo ukuze bathole ukwelashwa kusenesikhathi iPharma Dynamics, ikhuthaza abesifazane ukuthi bangakhohlwa ukuya ezikhungweni zezempilo bayohlolwa izifo ezibahluphayo ukuze baphile kahle.
UNkk Nicole Jennings, okhulumela le nkampani, uthe ukuhlolwa kubalulekile noma kungathiwa uzizwa uphile kahle.
“Ukuhlolwa kwezempilo ngokuvamile kumele ukwenze uphilile ungalindi uze ugule. Inhloso yakho wukuthola isifo kusenesikhathi - zingakabonakali izimpawu. Ezimeni eziningi, ukwelapha isifo kusenesikhathi kukhipha imiphumela engcono. Ukuzihlola kungasiza ngokuthi isifo esiyingozi singabhebhetheki ngokushesha ngoba sisheshe sabonakala noma sinqandwe uma kuyisifo eselaphekayo.” usho kanje.
Uqhube wathi abantu besifazane basemakhaya bajwayele ukuya emitholampilo izifo sezingene zagxila egazini okwenza ukuthi kubukeke sengathi izifo zidlanga kakhulu kubona. Uthe lokhu kwenziwa ukuthi kunezinto eziyizinkoleloze abazikholwayo njengokuthi izifo ezithile ziphatha abantu abadala.
“Kuyinganekwane ukuthi umfutho wegazi ophezulu ngokujwayelekile uphatha amadoda noma abantu abadala. Ucwaningo olwenziwe eNingizimu Afrika lukhomba ukuthi isifo sezinga lomfutho wegazi ophezulu kubantu besifazane linyukile kule minyaka engu-20 edlule,” kusho yena.
Ucwaningo olwenziwe kuleli kubantu besilisa abangu-5 477 nabesifazane abangu-7 740 luveze ukwanda kwesifo somfutho wegazi ophezulu esinyuke sisuka ku-27% saya ku-45% kwabesilisa kwabesifazane sisuke ku-31% saya ku-48%.
"Umfutho wegazi ophezulu ubizwa ngokuthi umbulali ocashile ngoba ngokuvamile awunazo izimpawu kodwa unomthelela omubi empilweni yakho. Ngokujwayelekile zonke izifo ezidalwa umfutho wegazi ophezulu nokukhubazeka okudalwa yiwo kungagwemeka uma usheshe wabonakala. Ngakho kubalulekile ukuthi uhlale uya esikhungweni sezempilo uyohlola umfutho wegazi."
UNkk Jennings uthe ukuhlolwa umfutho wegazi kumele abantu abaqale ukukwenza beneminyaka engu-18.
Okunye athe kubalulekile ukuthi abantu besifazane bakwenze ukuhlola izinga le-cholesterol.
Uthe imiphumela yokuhlolwa i-cholesterol iyona eshoyo ukuthi usemathubeni angakanani okuthi uhlaselwe yisifo senhliziyo nesohlangothi. Uthe kona kumele umuntu aqale ukukwenza uma eseneminyaka engu-20 bese ekwenza njalo ngemuva kweminyaka emihlanu kodwa uma ekhaya kunomlando wabantu abake baxakwa yiyo kumele kwenziwe njalo.
Uthe izinga likashukela egazini ngesinye sezimo okumele abantu besifazane bazijwayeze ukusihlola.
Uthe abantu besifazane abaneminyaka engu-45 kuya phezulu kumele njalo ngemuva kweminyaka emithathu bahlolwe ukuthi banoshukela ongakanani egazini labo.
Uthe ukuhlolwa ukuthi awunalo yini igciwane lengculazi kubaluleke kakhulu njengoba izinga lokusabalala kwaleli gciwane kuleli liphezulu. Uthe okungenani umuntu wesifazane kumele ahlole kanye ngonyaka ukuthi akanalo yini igciwane lengculazi.Ukuhlolwa ukuthi awunawo yini umdlavuza wesibeletho, wenze i-pap smear, uthe ngenye yezinto ezibalulekile kubantu besifazane.
"Udokotela uhlola uketshezi olusemlonyeni wesibeletho kusetshenziswa ubuchwepheshe obukhombayo uma kunoshintsho olungasho ukuthi unomdlavuza wesibeletho," kusho yena.
Uthe umuntu wesifazane kumele aqale ukwenza i-pap smear eneminyaka engu-25.
Ngaphandle komdlavuza wesibeletho omunye umdlavuza ophatha abantu besifazane umdlavuza webele. Uthe abantu besifazane abaneminyaka ewu-40 kuya phezulu kumele bazijwayeze ukuzihlola bona ngokuzithinta, babuye benze ukuhlolwa okubizwa ngemammogram.
Okunye ukuhlolwa athe kubalulekile ukubheka ukuthi amathambo akho aqine ngokwanele yini okwaziwa ngebone density ukuze bangaphuki kalula. Uthe lokhu kuhlolwa kunconywa ukuthi kwenziwe ngabesifazane abaneminyaka engu-60 kuya ku-65.