Impilo Yabantu Ezempilo

Abesifazane engozini yesifo esigadla buthule emzimbeni

Simangaliso Ntshangase|Published

ONGOTI bezempilo baxwayisa ngobungozi besifo esigadla kwabesifazane kakhulu

Image: SITHUNYELWE

KUNEZIFO eziyingozi kepha ezingajwayelekile okuthi uma umuntu zimhlasele wangazinaka kusenesikhathi, zenze umonakalo omkhulu noyingozi ngokuphazima kweso egazini kanjalo nasemzimbeni womuntu. Lokhu kungabeka izicubu zomzimba wakho engcupheni yokuphazamiseka - okungaze kudale nokuthi ukhubazeke noma ufe imbala.

Lokho kushiwo ngabesikhungo sezempilo esizimele i-Affinity Health, bexwayisa ngesinye sezifo eziyimbelesela kepha esinganakekile esibizwa phecelezi ngokuthi i-lupus, okungukugula lapho amasosha omzimba enza iphutha lokuzishaya wona uqobo ngokuthi acindezele izinhlayiya nezicubu zomzimba.

Ingozi enkulu ngalesi simo wukuthi sidala ubuhlungu obungabekezeleki nhlobo emzimbeni nokungenza ukuthi lowo ohaqekile abe sengucpheni yokulinyalelwa yisikhumba sakhe, amajoyinti omzimba, izinso, yinhliziyo, amaphaphu kanti kungaphazamisa nomqondo.

I-Affinity Health idalule nokuthi nakuba lesi sifo singathikameza noma wubani, kepha sivame ukushaya kakhulu abantu besifazane abaneminyaka ephakathi kwa-15 kuya ku-45.

Lesi sikhungo sisho kanjena nje, ngoMeyi 10 bekugujwa iWorld Lupus Day, usuku onhloso yalo wukufundisa abantu ngobungozi balesi sifo, nokuthi yikuphi abangakwenza ukunqanda ukudlebeleka kwaso emphakathini nasemhlabeni wonke jikelele.

ONGOTI bezempilo baxwayisa ngobungozi besifo esigadla kwabesifazane kakhulu

Image: SIGCINIWE

Nazi ezinye zalezi zimpawu okumele uziqaphele zisuka nje:

- Ukukhathala ngokweqile okunganqamuki ngisho usuphumulile.

- Wubuhlungu bamajoyini omzimbi, umzimba usongelane noma uvuvukale.

- Wukuba notwayi esikhunjeni ikakhulu ezihlathini nasekhaleni.

- Wukuqothuka izinwele.

- Wukuhlale uzwela ukubanda ngisho kungemakhaza.

- Wubuhlungu esifubeni nokunqanyukelwa wumoya, ungakwazi ukuphefumula kahle.

- Wukuphathwa ngama-ulcer emlonyeni nasekhaleni.

- Wukuba nomlomo owomile namehlo ashintshe umbala, abe bomvu.

Into eyenza lesi sifo sibe yingozi kakhulu wukuthi akuqaguleki kahle indaba yaso, nokuth izimpawu zaso zingavela ezithubeni nje noma zilokhu zizikholisa emntwini kancane, kancane, kanti futhi kokunye ziyavela, zibuye zinqamuke ekubeni umonakalo uqhubeka ngaphakathi.

Nawa amathiphu ezinto ongazenza ukugwem ukudloba kwalesi sifo:

- Phumula ngokwanele ukugwema ukuthi umzimba wakho uhlale ukhathele njalo.

- Vikela isikhumba sakho ekushiseni kwelanga okweqile nokungaba yingozi kusona.

- Yidla ukudla okunempilo ukusiza ukugcina umzimba wakho uphilile futhi unamandla.

- Sebenzisa imithi namaphilisi okunikwa wodokotela ukuzigcina uphilile njalo.

- Gwema izinto ezenza ukuthi umqondo wakho uhlale ukhathazekile, ungenakuthula.

- Ungafeli ngaphakathi uma uzwa umthwalo usungaphezu kwamandla, xhumana nabeluleki ukuze kwehle umthwalo nokucindezeleka.