INHLANGANO i-World Health Organisation (WHO) isinxenxe abesifazane abazithwele kanye nabesifazane abaneminyaka ebavumela ukuba bathole abantwana ukuba bazithibe otshwaleni.
Lokhu kuvela njengoba iphakamisa izincomo ngaphansi kohlelo lwayo lwe-Global Alcohol Action Plan, nokuyilapho ifuna ukulusebenzisa emazweni ahlukene ukuzama ukwehlisa izinga lotshwala.
Kulezi zincomo abasaziphakamisa, kuvele ukuthi utshwala buba nemithelela emibi empilweni yabantu, kube nemithelela engemihle ngokuthola izifo.
Konina bezingane abazithwele, kuthiwa bangasondelani nhlobo notshwala. Bese kuthi abesifazane abasazimisele ukuba nabantwana banciphise otshwaleni.
Phakathi kwezinye izinto ezivela kulo mqulu we-WHO ukuthi izingane ziqala zisencane ukuphuza, cishe zineminyaka engu-15, nokuyinto abayihlabile.
Kube nemvunge ezinkundleni zokuxhumana ngalezi ziphakamiso ezishicilelwe ngoLwesithathu kwi-website ye-WHO, abanye bethi zicwasa abesifazane abasafuna ukuba nezingane kodwa kungashiwo lutho ngabesilisa.