WONKE ama-medical aid kuleli azokukhokhela ukugonywelwa kweCovid-19 kwamalungu awo.
Umkhandlu wama-medical aid kuleli uthi ukugonyelwa kweCovid-19, sekufakiwe ngaphansi kwezinto ezikhokhelwa yi-medical, iPrescribed Minimum Benefits (PMB).
UNgqongqoshe wezeMpilo kuleli, uDkt Zweli Mkhize, wamukele indlela ahlelwe ngayo ama-PMB kuwo okukhona nokuthi i-medical aid ikhokhele nokwelashwa okuphuthumayo, kuhlanganisa nezifo ezingu-25 ezingamahlalakhona kanye nezinye izifo ezingu-271.
Ukuhlolelwa iCovid-19, ukulawulwa kwayo nokuphefumula ngomshini konke kufakwe ohlwini olusha lwama-PMB, azokhokhelwa ama-medical aid kungakhathalekile ukuthi ilungu likuluphi uhlelo lwe-medical aid.
Uhulumeni wakuleli kulindeleke ukuthi uqale uhlelo lokugonywa kwabasebenzi bezempilo njengoba umgomo ongenela abangu-1 million, okhiqizwe yi-AstraZeneca, usufikile kuleli.
Isikhulu esiphezulu kwaMomentum Health Solutions, uMnuz Damian McHugh, sithe ikhava yeCovid-19 izozimela, ayizuthathwa emalini ebhekelele ukugula kwelungu eyaziwa ngama-savings.
UMnuz Lee Callakopen waKwaBonitas Medical Aid, uthe bazokhokhela nokugoma kwamanye amalungu abhaliswe ngumnikazi we-medical aid ngaphansi kwakhe.
Uthe basohlelweni lokuhlanganisa ulwazi lwamalungu abo ukuze akwazi ukubhalisa esebenzisa i-online ukuze akwazi ukuyogoma.
"Lo mgomo uphindwa kabili, ukubhalisa ngalolu hlelo kuzokwenza ukuthi umuntu azi ukuthi kuzomele abuyele nini futhi ukuyogoma," kusho uCallakopen.
UMkhize uthe amalungu omphakathi angenayo i-medical aid azokhokhelwa uhulumeni.
"Wonke umuntu osengcupheni yokuthola iCovid-19 uzogonywa. I-medical aid izokhokha, uma usuphumile kuyona uhulumeni uzokukhokhela," kusho yena