U-71% wabantu bakuleli uzimisele ngokugomela iCovid-19 ukuze uphephe kulesi sifo. Lokhu kusho ukuthi abayisikhombisa kwabawu-10 abanankinga nokugoma.
Lezi zindaba zivezwe wucwaningo lwakamuva olubizwa ngeNational Income Dynamics Study (Nids) Coronavirus Rapid Mobile Survey (Cram) olwethulwe ngokusemthethweni kwi-webinar yayizolo.
UMnuz Nic Spaul ongumcwaningi ozinze eNyuvesi yaseStellenbosch uveze ukuthi bawu-29% abantu abangathandi ukugomela iCovid-19 kanti basaba ukuthi umgomo uzobadalela ezinye izifo.
Uthe iningi lalabo abasaba ukugoma lifunda kakhulu izindaba ezingaqinisekisiwe ezinkundleni zokuxhumana.
Ucwaningo luveze ukuthi abantu abasha abaneminyaka ewu-18 kuya ku-25 abathandi ukugoma uma kuqhathaniswa nabadala abaneminyaka engaphezu kuka-25.
U-73% wabadala abaneminyaka ewu-35 kuya ku-59 bazwakalise ukuthi bazimisele ngokugoma.
“Sithole ukuthi abantu abanezifo ezingalapheki bazimisele ngokugoma kanjalo nabadala. Ucwaningo lwethu luveze ukuthi abakhuluma isibhunu (42%) bayasaba ukugomela iCovid-19. U-25% kuphela wabantu abasaba ukugoma abakhuluma isiZulu, isiXhosa, isiPedi nezinye izilimi. Abantu abangasabi ukugoma yilabo abakhuluma iTshiVenda njengoba sithole ukuthi wu-18% kuphela omanqika,” kusho uSpaul.
UMnuz Reza Daniels ongumcwaningi eNyuvesi yaseCape Town, uveze ukuthi ukuqubuka kweCovid-19 kushintshe indlela yokufunda ezikoleni.
Abafundi bamabanga aphansi ezikoleni okungakhokhwa kuzo balahlekelwe wu-75% wezifundo zabo.
Uthe izingane ezifunda kulezi zikole aziyi njalo esikoleni futhi azikwazi ukwenza umsebenzi emakhaya uma kuqhathaniswa nalezo ezifunda ezikoleni ezikhokhayo, ezinezinsiza zobuchwepheshe besimanje.
Uveze nokuthi izingane bezingakutholi ukudla kahle njengoba bezisemakhaya kanti namanje u-43% kuphela okwazi ukuphakelwa ezikoleni.
“Sithole ukuthi isibalo sezingane ezilala zingadlile sehlile njengoba izikole zivuliwe sasuka ku-16% saya ku-14% ngoFebhuwari noMashi walo nyaka uma siliqhathanisa noNovemba noDisemba wonyaka odlule. U-67% wabantu esikhulume nabo uveze ukuthi awunayo imali yokuthenga ukudla yingakho izingane zilala zingadlile. Lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi izingane kufanele zidle esikoleni,” kusho uDaniels.
Uthe othisha ababulawa yiCovid-19 abavamisile ukuyithola esikoleni ngoba abanye bebeshona nangesikhathi izikole zivaliwe.
Ucwaningo lweNIDS-CRAM lwenziwa abacwaningi abawu-30 bamanyuvesi amahlanu aseNingizimu Afrika okungeyaseCape Town, Stellenbosch,Wits, Rhodes neyaseJohannesburg.
Ucwaningo oluphelele lutholakala ngokuvakashela u-cramsurvey.org.