ABACWANINGI bakhathazekile ngemiphumela yocwaningo olubheka ukuthi kwenzekani emzimbeni weziguli ezike zahlaselwa yiCorona ngokuhamba kwesikhathi.
Ucwaningo lwenziwe e-UK kusetshenziswa imininingwane yocwaningo oluke lwenziwa phambilini olubheka ukuthi ingqondo ishintsha kanjani ngesikhathi umuntu ekhula. Abacwaningi bebethatha izithombe zabake bahaqwa yiCovid-19 beminyaka ehlukene bese beqhathanisa nemiphumela yalolu cwaningo olwaphothulwa ngo-2014.
Abacwaningi kulolu cwaningo oluqhubekayo bebebheka ukuthi umzimba ushintsha kanjani kumuntu oke wahaqwa yiCorona. Imiphumela yesikhashana ekhishwe ngenyanga edlule iveza ukuthi bathole ukuthi liyehla izinga lokusebenza kobuchopho kumuntu oke wahaqwa yiCovid-19 uma eqhathaniswa nalingana naye ongazange ahaqwe yileli gciwane.
Ngokocwaningo kuphela izinyanga oke wahaqeka izinga lokusebenza kobuchopho bakhe lehlile okwamanje abacwaningi abakwazi ukuthola ukuthi kuba yisikhathi esingakanani ngoba ucwaningo lunezinyanga eziwu-18 .
Okukhathaza abacwaningi ukuthi lokhu kuzoba nomthelela omubi ongenza ukuthi abantu baguge ngokushesha kanti sikhona isikhathi esithile esaziwayo sokuthi ubuchopho bomuntu behlelwe izinga lokusebenza ngoba esekhulile..
Abacwaningi bathi uma beqhubeka nalolu cwaningo lwabo babheka ukuthi ngabe kusho ukuthi abantu abasesigabeni esiphakathi sokukhula nasebekhulile bangazithola kuphazamiseka ukusebenza kobuchopho babo bafane nabantu abadala kunabo.
Lolu cwaningo luveze ukuthi ingaphambili lobuchopho nengxenye ebizwa nge-temporal lobes iyancipha kubantu abake bahaqwa iCovid-19 kanti kubantu abangazange bahaqeke ayinciphi ize inciphe uma sebesesigabeni esithile seminyaka okuhambisana nokukhula kwabo.
UDkt Mike Dow ongomunye wabacwaningi uthe njengamanje abacwaningi babheka ukuthi ngabe le miphumela ichaza ukuthi abake bahaqwa yiCorona bazophathwa isifo sabantu abadala i-Alzheimer ngoba lesi sifo senza ukuthi umuntu omdala akhohlwe masinyane futhi angabuzwa ubumnandi bento ayidlayo okuthiwa kwenzeka uma kuncipha lezi zingxenye zobuchopho kanti zingezinye zezimpawu zeCorona.
“ Lokhu kusho ukuthi kwabanye noma ingasekho iCorona emzimbeni kodwa bayaqhubeka bakhohlwe futhi bangezwa ukuthi into abayidlayo injani,” kusho yena.