Impilo Yabantu Ezempilo

Injabulo yamaholidi ingakuqhatha nolaka lokuziba imishanguzo

Simangaliso Ntshangase|Published

KUKHUZWA ubungozi bokuziba imishanguzo kubantu ngenxa yokuzidumisa ngamaholidi

Image: DOCTOR NGCOBO/INDEPENDENT MEDIA

ONGOTI bezempilo baxwayisa abantu ngobungozi bokuziba imishanguzo yabo ngenxa yobumnandi bamaholidi kaKhisimuzi noNcibijane

Image: SITHUNYELWE

AMAHOLIDI kaKhisimuzi noNcibijane avame ukuba mnandi ebantwini abaningi abasuke bejabula nemindeni yabo nothandiweyo babo ngalesi sikhathi, kodwa futhi lesi yisikhathi esiyaye siphazamise okuningi kwendlela abantu abajwayele ukuphila ngayo nsukuzonke.

Lokhu kuyaye kuphazamise noma kuthikameze izinto eziningi zempilo yabantu ngenxa yokuthi ngalesi sikhathi abantu basuke behambela izindawo ezahlukene, abanye belala sekusebusuku kakhulu, nabanye abasuke bephuza utshwala - okugcina kuholela ekutheni umuntu akhohlwe wukuphuza imishanguzo yakhe esemqoka yempilo yakhe.

Lesi yisexwayiso esishiwo ngabesikhungo sezempilo esizimele i-Affinity Health, bexwayisa abantu ngobubi nobungozi bokungasebenzisi ngendlela efanele imishanguzo yabo yezifo nezimo ezahlukene ezeyamene nempilo yabo, nokuwumgogodla wokuphila kwabo.

Kungani abantu beziba imishanguzo yabo ngalesi sikhathi?

  • Lokho kungenxa yengcindezi enkulu ehambisana nalesi sikhathi, kube nawukuthi izikhungo lapho abantu belanda imishanguzo yabo khona zisebenza amahora amancane kunokujwayelekile, kokunye zingavuli nhlobo - okwenza kube lula ukuthi umuntu angalandi imishanguzo yakhe esemqoka. Kwesinye isikhathi abantu bagajwa yinjabulo, umuntu avakashele endaweni ethile, akhohwle wukuphatha imishanguzo yakhe.

Buyini ubungozi bokushalazela imishanguzo yakho?

  • Kungenza ukuthi kukhuphuke umfutho wegazi ngokweqile egazini okungagcina kukuqhatha nobuhlungu besifuba, isifo senhliziyo nesohlangothi.
  • Ukugxila ekudleni okungenampilo, ukuphuza utshwala ngokweqile nokuhlala kuze kube sebusuku kakhulu ungalele, kungakubeka engozini yokuphelelwa yisilinganiso samanzi adingeka emzimbeni, kukubeka nasengcupheni yokuphathwa yisifo sikashukela.
  • Uma unenkinga yama-asthma kungaba yinkinga kakhulu ukuthi ungalali ngesikhathi esifanele ngalesi sikhathi samaholidi kaDisemba ngoba kukubeka engozini yokuhogela intuthu yogwayi nomoya obandayo wasebusuku, okuvele kufane nokuthela upelepele esilondeni-ke uma usuke ungayidlile imishanguzo yakho.
  • Ukuphazamiseka kancane nje uma usebenzisa imishanguzo yokuthiba igciwane lesandulela ngculazi, kungenza ukuthi igciwane libe namandla kakhulu emzimbeni wakho.
  • Uma unenkinga yesifo sokuwa uzibeka engcupheni yokuphathwa yisiyezi, ukuwa usendaweni eyingozi njengasemgwaweni noma uphezulu esitezi, okungenza ukuthi ulimale kabi, noma ufe nokufa.
  • Uma uzokhohlwa wukusebenzisa imishanguzo yakho yokugwema ukukhulelwa, usuke uzibeka engcupheni yokukhulelwa ube ungakuhlelele lokho ikakhulu uma kuwukuthi uwumuntu ovame ukuzibandakanya ocansini olungaphephile. 

Utshwala ngenye yezinto eziyingozi kakhulu nezidala ukuthi umuntu akhohlwe wukusebenzisa imishanguzo yakhe ngendlela efanele, kanti futhi bunomthelela omubi wokudala ukuthi uma ubuphuza bese usebenzisa imishanguzo yakho, kwenza ukuthi ingasebenzi ngendlela efanele, futhi kungakuthiya kakhulu esiswini sakho.

Kanti futhi uma uwumuntu okhonze ukuhambela ezindaweni ezahlukene neziqhelelene ungaba nenkinga yokukhohlwa ukusebenzisa imishanguzo yakho ngesikhathi esifanele, okudinga ukuthi ucuphe i-alarm yokuzikhumbuzisa isikhathi sokuyisebenzisa ukuze ugweme isimo sokukhohlwa njalo ukuyisebenzisa.

Xhumana nodokotela wakho ukuzwa ukuthi iyiphi imishanguzo okumele ume kancane ukuyisebenzisa uma kwenzeka uba nenkinga yokuguqukelwa yisisu noma kwenzeka uxinwa yisifo sohudo. 

Uma kwenzeka ube nenkinga yobuhlungu obungabekezeleki esifubeni, ukuphelelwa wumoya, ukuzizwa untekenteke noma unenkinga yokungakwazi ukukhuluma kahle - xhumana nodokotela noma ufune usizo lwezempilo ngokushesha ukuze ugweme ukudloba komonakalo.