DISTANCE GUMEDE
ABESIFAZANE abasakwesabi ukufaka izithombe zabo noma amaivideo benqunu ezinkundleni zokuxhumana, bangabi namahloni ngisho okuthi abantu bazothini.
Kubukeka sengathi abalesabi nehlazo lokukhangisa ngomzimba ezinkumbini zabantu abagcwele ezinkundleni zokuxhumana. Yize singeke silawule muntu ngomzimba wakhe kodwa lokhu kwehlisa isithunzi sakho wena owenza kanjalo, kuphinde kuphoxe nabantu abasondelene nawe kuhlanganisa nomndeni wakho.
Yebo siyazi ukuthi usuke uveza izinqe zakho, kodwa phela ngaphambi kokuthi uzinameke ku “My Story" cabanga ukuthi baningi abantu abazozibona. Thina sazi ukuthi umzimba uyafihlwa noma uvezwa, kunezindawo emzimbeni okungamele zibonwe umhlaba wonke.
Muva nje kubukeka sengathi abesifazane abasenandaba nokugila lomkhuba ezinkundleni zokuxhumana.
Amabele nesitho sangasese ukuthola kuntaza emoyeni, abanye begqoke imisweswana yamadilozi bebhushuzela ngamathanga. Lento isiphume kakhulu esandleni njengoba sekwavela nalento yokuba O"Content Creator."
Angazi mina noma abantu basuke befuna ukuvela ngenkani yini nokuthola ukubukwa kakhulu. Ungathi kunomncintiswana okhona wokuzikhangisa ezinkundleni zokuxhumana.
Ingcindezi nje lena esifakelana yona sisodwa. Uthi abantu bakuhloniphe kanjani usavela unqunu ezinkundleni zokuxhumana?
Ningangizwa kabi angikhulunyiswa wumona ngoba nakhu mina ngingenawo umzimba wokuvezwa, kodwa ngibabaza umhlola wokuveza nezingxenye zomzimba ezingavezwa esidlangalaleni.
Bakhona abangenza lomkhuba ngoba vele bona badayisa ngomzimba, kodwa thina abanye asizifundise ukuhlonipha eyethu.
Ezinkundleni zokuxhumana ababuki wena kuphela kodwa bacabanga nekhaya ophuma kulo kanjalo nendlela okhuliswe ngayo. Uthole ukuthi ekhaya ukhuliswe kahle kodwa uwena ozikhethele ukuhamba uvezela abantu umzimba wakho.
Siyinzalo embi engasafuni ukugqoka yingakho ubona sengathi isithunzi sethu singabantu besifazane sehlile. Ngisho amadoda awasasihloniphi futhi awasenandaba nathi azibonela abantu abangaziphethe kahle.
Anginilawuli kodwa ngicela sehliseni noma ngabe sicabanga ukuthi amadoda azosithanda kakhulu masikhangisa ngemizimba yethu. Umuntu wesilisa angakuthanda ngisho ugqokile, kodwa uma ukhangisa uzofuna ukuthola lento ayibonayo oyivezile.
Okubuhlungu uma ehehwe akubonile uzohamba uma esekutholile abekufuna ngoba usuke evele engazile ngothando.
Noma ngabe umi kahle, unomzimba omuhle ongenalo nechashazi kodwa zihloniphe ntombi. Ubuntu bakho abubonwe wuwe nesoka lakho kuphela. Ukube babudalelwe ukubonwa yizwe ngabe bananyekwa noma yisesiphongweni.
ELawini LikaMaGumede sigqugquzela ukubuya kwesithunzi somuntu wesifazane. Ungasibhalela kwi-email ethi: [email protected] noma kuWhatsApp enambeni ethi: 0799771723.