UKUSHINSTHA kwendlela abantu abaphila ngayo nokuhlasela kweCovid-19 kuholele ekutheni kushintshe izinto eziningi obekwaziwa ukuthi zenziwa ngokuthi uye khona.
Ngaphambi kweCovid-19, bebembalwa abantu abebethenga nge-internet manje baningi abakhetha ukuthenga ngayo ngoba bengafuni ukuhlangana nabantu, kanti nemihlangano eminingi isibanjwa ngayo i-internet.
Ukuyobhula noma ukuhlola ngezinye zezinto ebezivame ukuthi zenziwe ngokuthi umuntu ahambe aye esigodlweni sesangoma kodwa ukufika kweCovid-19 sekuyishintshile indlela abelaphi bendabulo abasebenza ngayo.
Nabo bathi abasele ngemuva ekusebenziseni ezobuchwepheshe ukuze baqhube umsebenzi wabo.
UMakhosi Snegugu Mgobhozi (25) waseZwelibomvu, eThekwini, uthe usebenzisa izinkundla zezokuxhumana, neselula ukuze axhumane neziguli zakhe.
Uthe yize ekwazi ukusebenzisa iselula noFacebook uma ehlola kodwa ukhetha ukuwusebenzisela ukufundisa abantu ngokusetshenziswa kwamakhambi esintu.
Uthe lena yindlela adayisa ngayo umsebenzi wakhe ukuze athole iziguli ezikwezinye izifundazwe.
"Nginaso isigodlo kodwa angithandi abantu bashaye ujenga bezohlola. Kuvame ukuba yilabo abambalwa abasuke bedinga ukungibona ubuso nobuso. Ukuze kungabi nabantu abaningi ngesikhathi esisodwa, iziguli ziyabhalisa," kuchaza uMakhosi Mgobhozi.
Ugogo uSlungile Mtambo waKwaFelekisi, uthe yena ubevele ekwazi ukuhlola ocingweni kodwa engakusebenzisi njalo.
Ukufika kweCovid-19 uthi kumenze wakwazi ukusebenzisana nezinye izangoma ezikwezinye izindawo ngoba akakholelwa ekuthumeleni imithi ngeposi. Ngikholelwa ukuthi umuthi akumele uthintwe yizandla eziningi.
“Kuyenzeka ngibe nesiguli esikwesinye isifundazwe, ngiyasihlolela bese ngisixhumanisa nomunye umelaphi wendabuko oseduze kwaso. Ngokubona kwami, iCovid-19 isisize ukuthi nathi singabelaphi bendabuko sikwazi ukusebenzisana siphinde futhi sikhulise ulwazi lwethu lwezobuchwepheshe besimanje ngoba amaselula sinawo kodwa iningi lethu belingagxilile ukuwasebenzisela ukuhlola,” kusho yena.
UMakhosi Nomkhosi Biyase waseXobho, uthe kusenzima kubelaphi abasebenzela ezindaweni ezisemakhaya ukusebenzisa ucingo kuphela ngoba ucingo lubuye lungadonsi.
“Ukuhlola kusebenza ngemimoya kwesinye isikhathi kuyenzeka kuthathe isikhathi ukuthi ukwazi ukuxhumana nedlozi lesiguli, kanti isiguli sine-airtime encane uma sesishaya ucingo okwesibili ninqamukelane ngenxa yokungadonsi kocingo,” kusho yena.