SEKUYINTO ejwayelekile ukubona kuxabana imindeni kubangwa ingane ngoba kuthiwa uyise akahlawulile noma wahlawula kodwa useyabaphuca ingane.
Ngenyanga edlule, Isolezwe laphakathi nezinsuku libike ngenyanga edumile neyaziwa kakhulu, eboshelwa isondlo sengane ngoba unina wengane ethi ifuna ingane ibize isibongo ingalobolile. Lo wesifazane waveza ukuthi le nyanga yakhipha inhlawulo yemali eyabizwa wumndeni ngokukhulelisa lo wesifazane.
Mayelana nokuthatha ingane ibize isibongo sayo, unina wengane waveza ukuthi isiko lakubo lidinga aqale alobole ingane ikhishwe ngendlela kubo nokwadala ingxabano.
Ungoti wekazamasiko woMsamo Institute, uDkt VVO Mkhize, uthe isiko limile futhi lenziwa ngokubambisana kwemindeni yomibili ukuze ingane ingazoba nenkinga, zikhanye nezinto zayo.
Ingane osuke uyitholwe nowesifazane ningashadile, uMkhize uthe ibizwa ngomlanjwana futhi kusuke kuyingane yasekhabonina engahlangene nalapho kuzalwa khona uyise. Uma uyise esenamadla, kusuke sekufanele ikhishwe emsamo kubo kanina bese iyobikwa ngendlela emsamo wakubo kayise.
"Ingane yenzelwa kubo kanina imbeleko ngoba yilapho isuke izalelwe khona futhi kungeyakhona komalume. Uma uyise eseyifuna ukuyihlawula ngemali, akusho ukuthi isuke sekungeyakhe leyo ngane ngoba kunesiko okumele ligcinwe, ikhishwe komalume isiyofakwa ngendlela esibongweni sikayise," kusho uMkhize
UMkhize uthe izinto eziningi eziyisiko esikhathini samanje ziphanjaniswa wukuthi abantu abaningi bakhulela esilungwini bese beba nenkinga yokuthi bagcine izinto eziningi, bezizwa ngemibono eyahlukene. Ukusebenzisa izangoma nezinyanga uma kugcinwa isiko ngezinye zezinto aveza ukuthi ziyingozi ngoba akubona bonke abantu abakhuluma iqiniso kodwa basuke benzela ukuzuza imali.
"Asikho isidingo sokuyobhula uma uzogcina isiko ekhaya ngoba aliyona imfihlo futhi aliguquki. Indlela ibuzwa kwabadala ngoba basuke benolwazi olwanele noluzokulekelela ukwenza izinto ngendlela. Ayikho into edinga inyanga noma isangoma uma ugcina isiko ekhaya, akubhulelwa lokho," kusho uMkhize.
U-Ayanda Ncwane owayengunkosikazi wesilomo somculo wokholo esingasekho emhlabeni uSfiso Ncwane, uke wabhekana nengcindezi kuvela ukuthi kumele ahlawule indodakazi yomyeni ashiya engayikhokhele. Ongoti bamasiko bavumelana ngokuthi akukho okuphoqa owesifazane oshade nendoda enezingane ukuthi ayilekelele, akhokhe uma yehlulekile.
Ukuhlawula intombi nto:
-Owesilisa ufanelwe ukukhokha inkomo ebizwa ngokuthi imvimba nokuyinkomo esuke iqondene nobaba wentobazane.
-Kunane nkomo yesibili okufanele nakanjani eyikhokhile ebizwa ngomqhoyiso noma ingquthu okuba ekanina wentombazane ngoba owesilisa usuke esemonile owesifazane wathatha ubuntombi bakhe.
-Uma sezikhokhiwe lezi zinkomo ezingenhla, kusuke sekufuneka imbuzi yebutho lezintombi. Le mbuzi isetshenziselwa ukugeza izintombi ngoba owesifazane usuke esekhulelwe engakagani, wathela izintombi ngehlazo kuleso sigodi.
Ukuhlawula owesifazane osenengane:
-Lo wesifazane usuke esedlulile kulesi sigaba esingenhla esihambisana nokuhlawulwa kwabantu abahlukene. Lapha owesilisa usuke esefanele ukukhipha imbuzi yokugeza umuzi wakubo wesifazane kuphela. Lezi ezinye izindleko ezisuke sezikhishiwe ngowathatha ubuntombi noyise wengane yokuqala. Uma kungenzekanga, akusho ukuthi sekuyisikweletu somuntu osethandana naye.
Ukuhlawula ingane ezalelwe ekhaya (umlanjwana):
-Iqala yenzelwe imbeleko ekhabonina nokuyisiko lokuqala elibalulekile enganeni ukuze nezidalwa zingayibangi ingane.
-Uyise uma esefisa ibize isibongo sayo engasathandani nonina, uzoyihlawula akhiphe izinkomo ezintathu noma ezine ngokuvumelana nomndeni wakomalume wengane.
-Ingane ihlatshelwa imbuzi komalume bese kuthathwa umkhono wesobunxele ugoqwe ngesikhumba ihambe naso ingane iyongeniswa ngakho kuboyise.
-Sebengaqala bayibike bayenzele isiphandla kubo kayise wengane bese yenzelwa isiko ngendlela ibize nesibongo sikayise.
-Noma ngabe uyise wengane uyamshada unina wengane kusuke kufanele ingane iqale ikhishwe komalume bese iyobiza isibongo sakubo nonina wayo ngokunjalo.