UKUSHONELWA umyeni kuwumshophi weminyaka nokade wawehlela abesifazane abasha nasebekhulile ngeminyaka. Lokhu akukhethi bala lamuntu abadla imbuya ngothi, abadla izambane likapondo, izikhulu zikahulumeni ngisho nosaziwayo imbala. Muva nje kuke kwabehlela osaziwayo besifazane abaningi nokwenza babekwe amabala uma sebeqhubeka nempilo bethola amasoka noma abayeni abasha.
Ukuvela kwamahlebezi okuthi intandokazi yomculo igqom’ uBabes Wodumo (Bongekile Simelane), usethole isithandwa esisha, uSbusiso Zuma, kususe umsindo ezinkundleni zokuxhumana. Abantu bebemsola ngokuthi akamhloniphanga uMampintsha (Mandla Maphumulo). Lokhu kususe imvunge abanye besebenzisa isiko beveza ukuthi unyaka usuphelile sekufanele aqome uma ethanda. Kube sekuhlukana imibono nokungakacaci ngempela ukuthi uBabes Wodumo uyawaqinisekisa yini la mahlebezi okuqoma.
Ungoti wezomthetho uNkk Malondy Mpungose ongumqondisi kwiMpungose Attorneys, uveza ukuthi awukho nakancane umthetho emabhukwini eCustomary Law othi owesifazane akazile kanjalo nesikhathi esinqunyelwe lokho.
"Akukho emabhukwini omthetho waseNingizimu Afrika lapho kukhulunywa ngokuzila komuntu uma eshonelwe noma ngabe yiluphi uhlanga. Ukuzila kuwumkhuba wekhaya osuke ushadele kulo benezinto abazibekile ukuze uzilandele ngoba bekholelwa kuzo. Baye babeke ukuthi uzile unyaka noma emibili. Ukuzila akulona isiko kodwa kuwumkhuba," kusho uNkk Mpungose.
Kuyenzeka iningi labesifazane elihluleke ukugcina imithetho yokuzila noma elibonakale seliqhubeka nempilo, ligcine seliphucwa amafa noma izingane.
UNkk Mpungose uthe ngokomthetho akekho umuntu onelungelo lokuthatha amafa ezingane nonkosikazi ngenxa yokuphula imigomo yokuzila. Lokhu nje akwenzeki kosaziwayo kuphela kodwa nasebantwini abasemazingeni aphansi ikakhulu abahlala ezindaweni zasemakhaya.
"Niyakwazi ukuvumelana ngokuthi uma ushona uyafisa yini unkosikazi noma umyeni akuzilele ngoba uma ushada uba nemithetho yakho ofuna ukuphila ngayo. Akukho phansi emabhukwini ukuthi uma ungazilanga ngeke uthole amafa, inqobo uma ushade ngokusemthethweni nasemzini kwaziwa kunobufakazi. Ungavuka ngakusasa uye ekhaya emuva kokungcwaba ungazili kodwa usazozithola zonke izimfanelo zakho ngokomthetho," kusho uNkk Mpungose.
Uthe abavumelana ngakho abashadile akudingi isinqumo nemibono yabanye abantu ngoba kusuke kuthinta uthando lwabo, kunalokho bangasebenzisa izindlela zomthetho ukuvikelana ngabavumelana ngakho besaphila bobabili.
Lokhu uNkk Mpungose uthe abantu uma beshadile bangakukhuluma bakuxoxe bodwa ukuthi kuzokwenzekani ngelinye ilanga sekushone omunye wabo. Lokhu uthe bangakwenza baze bathathe izinqumo ngezingane zabo ezizobe sezisele nomzali oyedwa ekhaya. "Ningavumelana ngokuthi ufuna umuntu wakho aqhubeke nini nempilo, nokuthi izingane angazitholela umzali omusha," kuchaza uNkk Mpungose.
Okwehlela uBabes Wodumo kuke kwenzeka nakwabanye osaziwayo okubalwa uSimphiwe Simz Ngema, Ayanda Ncwane nabanye abaningi ebebelokhu begxekwa. Abanye bafaka nezenkolo beveza ukuthi owesifazane oshonelwe ufanelwe ukuzila ngisho ucansi.
UBishop Thandeka Nene wePower of God Assembly uthe ukuzila yinto ethinta kakhulu izinhlaka ezine, okubalwa kuzo isikompilo lesizwe ngesizwe, inqubo yemindeni ngokwehlukana, umuntu ngomuntu kanjalo nenkolo yakhe.
"Ngokuphawula ngokwenkolo, sizila uma sizinxusela kuNkulunkulu sicela okuthile. NgokukaSamuweli 2, vesi 12-21, uDavide wakhathazeka ngokugula komntwana ecela impilo kuNkulunkulu, izinsuku zakhe seziphelile impilo yaqhubeka ngokujwayelekile. Nakho lokho kuncike esisindweni sobuhlungu. KuJobe 2:11-13 kuvela ukuthi wahlala izinsuku eziyisikhombisa ezilile, hhayi ngenxa yesiko kodwa ngobuhlungu abuzwayo. Ngamafuphi, ukuzila kuncika ekulimaleni kwakho nokuthinteka kwakho, nangokuhlonipha umndeni wakho noma umndeni oganele kuwona ngokuvumelana kwenu," kusho uBishop Nene.